UKAPUTENI weBanyana Banyana, uRefiloe Jane, ufakiwe esikwatini okuzohlungwa kusona abazodlala imidlalo yokuhlungela ama-Olympics ngasekupheleni kwenyanga Isithombe:BACKPAGEPIX
UZOJOYINA isikwati seqembu lesizwe okokuqala selokhu alimala eNdebeni yoMhlaba nyakanye, uRefiloe Jane, ukaputeni weqembu lesizwe lebhola labesifazane.
Lo mdlali wasesiswini ogijima eqenjini lase-Italy, iSassuolo, ufakiwe esikwatini seBanyana Banyana esikhishwe ngumqeqeshi uDesiree Ellis. Iqembu lizoqala amalungiselelo emidlalo emibili yokuhlungela ama-Olympic azodlalelwa eParis, eFrance, kusukela ngoJulayi kuya ku-Agasti.
UJane walimala eqakaleni ngoJulayi nyakenye ngesikhathi elakuleli libhekene ne-Argentina, kowamaqoqo eNdebeni yoMhlaba ebise-Australia naseNew Zealand.
IBanyana Banyana izobhekana neTanzania, ekuhambeni ngoFebhuwari 19, bese umlenze wesibili udlalelwe kuleli ngoFebhuwari 28.
Iqembu elizonqoba lizodlulela emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga lapho lizotholana phezulu neqembu elizowinaa phakathi kweCameroon, neNigeria.
U-Ellis umemezele isikwati esikhulu esizoncishiswa emuva kwekhempu uma sekusondele imidlalo. Kule khempu kuzoqala kuhlangane onozinti abayisithupha kusukela ngoLwesihlanu, kuze kube yiSonto. Kuzolandela abadlali abazinze kuleli kusukela ngoMsombuluko, kuze kube wuMgqibelo.
Abadlali abazokhethwa bazolibangisa eTanzania, lapho bezohlangana khona nalaba abazinze phesheya ngaphambi komlenze wokuqala.
Nakuba iligi yanonyaka yebhola labesifazane yakuleli iHollywoodbets Super League, izoqala ngenyanga ezayo, amaqembu asenamasonto eqalile ukulungiselela ukubuya kwemidlalo. U-Ellis ulindele ukuthi abadlali bafike bekulungele ukudlala imidlalo ebucayi kakhulu.
“Sisesimweni esifanayo nalesi esasibhekene naso ngesikhathi kufanele sidlale ne-Algeria, emdlalweni wokugcina wokuhlungela iWafcon ka-2022. Lapho amaqembu ayenamasonto amabili kuphela eqalile ukulungiselela isizini. Kulokhu kuhlukile ngoba asehambe ibanga elithe xaxa ezinhlelweni zawo zokulungiselela isizini,” uchaze kanje u-Ellis.
Umqeqeshi ulindele ukuthi izinsuku abazozichitha nonozinti kuphela zizobasiza bathuthuke ngoba amanye amaqembu awanabo abaqeqeshi.
“Silanda onozinti abayisithupha, abanye babo abebengekho nyakenye. Unozinti uyingxenye ebalulekile yeqembu kodwa kwesinye isikhathi abaqeqeshwa ngendlela efanele, yingakho sinale khempu,” usho kanje umqeqeshi weBanyana.
Iqembu leBanyana Banyana elizobhekana neTanzania
Onozini: Andile Dlamini (Mamelodi Sundowns), Kaylin Swart (JWV FC), Katlego Moletsane (Royal AM), Dineo Magagula (TS Galaxy), Victoria Muroa (Tshwane University of Technology), Dimakatso Ntsiene (Ixias FC).
Izitobha: Karabo Dhlamini, Tiisetso Makhubela, Lebohang Ramalepe (Mamelodi Sundowns), Noko Matlou (SD Eibar, Spain), Fikile Magama, Lonathemba Mhlongo (University of Western Cape), Asanda Hadebe (Sunflower FC).
Abasesiswini: Refiloe Jane (Sassuolo, Italy), Kholosa Biyana (Mamelodi Sundowns), Linda Motlhalo (Racing Louisville, United States), Nomvula Kgoale, Lesgo Nkoane (TS Galaxy Queens), Sphumelele Shamase, Thubelihle Shamase (University of Johannesburg), Amogelang Motau (University of Western Cape), Thalea Smidt (University of Pretoria).
Abagadli: Nicole Michael, Samkelisiwe Selana (TS Galaxy Queens), Gabriela Salgado (JVW FC), Noxolo Cesane (University of Western Cape), Melinda Kgadiete (Mamelodi Sundowns), Wendy Shongwe (University of Pretoria), Nthabiseng Majiya (Richmond Ladies), Jermaine Seoposenwe (Monterrey, Mexico), Hildah Magaia (Mazatlan FC, Mexico), Thembi Kgatlana (Tigres UANL, Mexico).
Related Topics: