Ezemidlalo Ibhola

OweChiefs ubhoboka ngenhloso yokuwina iNedbank Cup

Zakhele Xaba|Published

UMDLALI wasemuva weKaizer Chiefs, uThatayaone Ditlhokwe, ubona benalo ithuba lokuwina iNedbank Cup abazoqala kuyona neMilford Isithombe:BACKPAGEPIX

Isitobha seKaizer Chiefs, uThatayaone Ditlhokwe, sifuna bakhiphe wonke amandla abanawo ukuze bawine indebe yeNedbank Cup.

IChiefs itomule iMilford FC yaKwaZulu-Natal edlala kuMotsepe Foundation Championship ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azogadulisana esigabeni se-Last 32 seKe Yona Ya Rona ehambisana nesizumbulu sika-R7 million ngoLwesine ebusuku, eSandton, eGoli. Izinsuku nezinkundla okuzodlalelwa kuzo kuzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi. Amakhosi, okuyiwona azodlalela ekhaya, agcina ukuwina iNedbank Cup ngo-2013 esaqeqeshwa nguStuart Baxter. Ukuwina indebe agcina ngesizini ka-2014/2015 ephakamisa eyeligi.

“Inhloso yethu ngaphambi kwakho konke, ngisho ngaphambi kokuthi ziqhathwe, bekuwukufaka konke esinakho kule ndebe ngoba ingeyokugcina yesizini. Ezinye izindebe sezisiphunyukile, akukho futhi esingakwenza ngazo. Kodwa kukhona esinakho phezu kwetafula okuyiNedbank Cup. Awuyiwini nje ngokuthi ngifuna ukuyiwina. Uyalungiselela, udinga ukulwa, udinga ukuwina, udinga ukuhlela. Ngakho inhloso yethu isobala. Kade sisebenza kanzima sibheke le ndebe, ekugcineni isikhathi sesifikile. Sekudingeka sifake amandla ethu, sisebenze ngeqhinga lomqeqeshi. Ekugcineni sizonqoba noma yikanjani uma senza lokho,” kusho uDitlhokwe.

Lesi sitobha, esijoyine iChiefs sisuka kwiSuperSport United ekuqaleni kwesizini, kuphele u-2023 singasabonakali enkundleni kulandela ukulimala ehlombe ngesikhathi sidlalela iqembu lesizwe laseBotswana emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon). Nakuba iChiefs ingatomulanga elinye lamaqembu adlala kwiDStv Premiership kodwa akubuzwa ukuthi akukho ukukhululeka kubalandeli bayo ngenxa yomlando wayo wokuthwala kanzima uma ibhekene namaqembu adlala ezigabeni eziphansi. Eminyakeni edlule ikhishwe kwiNedbank ngamaqembu okukhona kuwona iBaroka, TS Galaxy, Richards Bay FC engakafiki kwiPremiership.

“Akusona isiqalekiso, yinto eyenzekayo. Wonke amaqembu afuna ukuyehlula iChiefs ngoba iyiqembu elikhulu, yigama elikhulu. Ngakho kusezandleni zethu singabadlali beKaizer Chiefs ukuba sesimeni esihle somqondo ngoba bonke esibhekana nabo bafuna ukulwa ngoba siyiChiefs. Engingakusho ukuthi asazi lutho ngabo (Milford). Esingakwenza wukubahlonipha kodwa uma siphethe ibhola, kumele sidlale ngendlela yethu. Uma senza kahle, sizowuwina umdlalo,” kusho uDitlhokwe.

IChiefs ivale unyaka u-2023 isiqala ukubajabulisa abalandeli bayo ngokuwina imidlalo ilandelana. Emidlalweni emine yokugcina yonyaka, iwine emithathu, yadlala ngokulingana komunye. Ingenelwe yigoli kanye. Amakhosi azobuyela enkundleni ngoFebhuwari 13 eseyobhekana neTS Galaxy ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

“Kusezandleni zethu singabadlali ukuthi siqhubeka kanjani nokugxilisa imiqondo uma sekuqala imidlalo yeligi noma sekuqala eyomkhumulajezi. Ukuthi siqhubeka kanjani nalowo mgqigqo, kukithina singabadlali. Lowo wumthwalo okufanele siwuthwale,” kusho uDitlhokwe.

Isiyonke imidlalo yeNedbank Cup imi kanje

NB La Masia v Mamelodi Sundowns

Golden Arrows v TS Galaxy

JDR Stars v Hungry Lions

SuperSport United v Cape Town City

University of Pretoria v Cape Town Spurs

Maritzburg United v Paarl United

Safa MP v Orlando Pirates

Stellenbosch v Pretoria Callies

Highlands Park v Sekhukhune United

AmaZulu v Royal AM

NC Professional v Chippa United

Platinum City Rovers v Moroka Swallows

Richards Bay FC v Polokwane City

FC Ravens v Spain FC

D General v Madristas

Kaizer Chiefs v Milford