UMGADLI weBanyana uThembi Kgatlana ejabulela elinye lamagoli amabili awashayele iqembu lakhe iTigres UANL eMexico Isithombe: TIGRES UANL FEMENIL/TWITTER
Sebeyazibonakalisa abadlali beBanyana Banyana abazinze eMexico ngokwenza ezibukwayo emaqenjini abo agijima esigabeni esiphezulu sebhola labesifazane sakhona, iLiga MX Femenil.
Umgadli uThembi Kgatlana, osanda kuthengwa yiTigres UANL, imthatha kwiRacing Louisville yase-United States of America, akapholisanga maseko njengoba ehlohle amagoli amabili eqala ukudlalela iqembu lakhe elisha.
Ungene ngomzuzu ka-56, ethatha indawo ka-Joceline Montoya ngesikhathi ezakhe ziguqisa i-UNAM Women ngo 5-1 ngoMgqibelo.
Igoli lakhe lokuqala ulivalele enethini ngomzuzu ka-84, elesibili walishiya ngesikhathi ebesengezwe ngunompempe.
Bekungokwesibili iTigres inqoba njengoba ivule isizini ngokunqoba i-Atletico San Luis ngo 1-0. Iqhwakele kwi-log ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili.
Leli qembu libheke ukuthatha isicoco se-Clausura, okuyisicoco somzuliswano wesibili weLiga MX, kwazise lihambe naso esomzuliswano wokuqala, i-Apertura, lapho liqede khona esicongweni ngamaphuzu angu-44 emidlalweni engu-17.
Khonamanjalo: Omunye umgadli weBanyana, uJermaine Seoposenwe, ushaye igoli lakhe lokuqala kule sizini entsha ezakhe, iMonterrey, zidlala ngokulingana ngo 2-2 nePachuca izolo.
Yena kusenesikhathi edlala eMexico njengoba ake agijima kwiJuarez ngaphambi kokuthi athengwe iRayadas.
IMonterrey ilele endaweni yesihlanu ngamaphuzu amane emidlalweni emibili.
U-Hilda Magaia no-Sinoxolo Cesane, abasanda kuthengwa yiMazatlán FC, badlale okokuqala ngesikhathi iqembu labo libhaxatshulwa yiClub Tijuana ngoLwesihlanu.
UMagaia uwudlale wonke umdlalo kwathi uCesane wakhishwa ngomzuzu ka-77.
IMazatlán FC isemsileni kwi-log njengoba isaneqanda emidlalweni emibili. Kowokuqala yabhudluzwa yiPachuca ngo 5-0.
Leli qembu liqede emsileni kwi-Apertura ngamaphuzu amabili emidlalweni engu-17, lapho lidlale khona ngokulingana kwemibili, lahlulwa kwengu-15, langanqoba nowodwa.
Lokhu kuchaza ukuthi muningi umsebenzi olihlalele ukuze ligweme ukuqeda endaweni efanayo kwi-Apertura.
Ukudlala kwabakuleli kwiligi ethathwa njengenye yahamba phambili emhlabeni ebholeni labesifazane kuzoba yizindaba ezinhle kumqeqeshi weqembu lesizwe uDesiree Ellis, okulindeleke ukuthi amemezele isikwati esizodudulana neTanzania emidlalweni yokuhlungela ama-Olympic ngenyanga ezayo.
Kule sikwati kubhekwe ukuthi kubuye ukaputeni uRefiloe Jane, owalimala bedlala eNdebeni yoMhlaba ngoJulayi, nyakenye. UJane usebuyile eqenjini lakhe iSassuolo, elidlala esigabeni esiphezulu e-Italy.
Related Topics: