UDOMINIK Szoboszlai weLiverpool edlula kuKai Havertz we-Arsenal ngesikhathi la maqembu ebhekene emdlalweni we-EPL emasontweni edlule, kulindeleke ukuthi kusiphuke izidindi njengoba ezotholana koweFA Cup ngeSonto Isithombe: EPA
IZOQHUBEKA futhi kule mpelasonto impi ephakathi kwamaqembu amabili amakhulu ase-England, i-Arsenal ne-Liverpool njengoba ezotholana phezulu emqhudelwaneni webhola omdala kunayo yonke emhlabeni, i-FA Cup.
Lo mdlalo womzuliswano wesithathu uzobanjelwa ekhaya le-Arsenal, i-Emirates Stadium, eLondon, namhlanje ngo-6.30 ntambama.
I-FA Cup, eyaqala ukudlalwa ngo-1871, ihlanganisa amaqembu avela ezigabeni eziyishumi zebhola lase-England. Amaqembu asuka ezigabeni eziphansi aqale ukudlala eyokuhlunga ngo-Agasti.
Kuqalwe ngamaqembu angaphezu kuka-600 kwaze kwasala angu-20, asezojoyinwa angu-24 aphuma esigabeni sesibili, iChampionship, namanye angu-20 aphuma esigabeni esiphezulu, iPremier League, kulo mzuliswano wesithathu, okuyi-Last 64.
Ngesikhathi kuqhathwa lo mzuliswano ngenyanga edlule umdlalo ogqame kakhulu kube yiwona lo ozoba phakathi kweGunners namaReds, okungamaqembu asephinde aphenduka izitha ezinkulu eminyakeni edlule njengoba eseyingxenye yalawo alwela isicoco sePremier League nezinye izindebe.
Basanda kuhlangana emdlalweni weligi e-Anfield ngenyanga edlule, waphela zibambene ngo 1-1. Nokho izinto zizokwehluka kwiFA Cup njengoba omunye wabo ezodlulela kwi-Last 32, omunye awashe ijezi.
Bagcina ukubhekana kulo mqhudelwano ngoFebhuwari ka-2014, i-Arsenal yaguqisa iLiverpool ngo 2-1 kwi-Last 16, yagcina isithathile isicoco inqoba iHull City kowamanqamu.
IGunners yilona qembu eselidle isicoco seFA Cup ukudlula wonke amanye njengoba seliphakamise le ndebe izikhawu ezingu-14. Yagcina ukunqoba ngo-2020, lapho yathela phansi khona iChelsea kowamanqamu.
ILiverpool isinqobe le ndebe amahlandla ayisishiyagalombili. Yagcina ukuba ngompetha ngo-2022, lapho nayo yaguqisa iChelsea kowamanqamu.
Nakuba lo mqhudelwano ungenaso isisindo esifana nesePremier League ne-UEFA Champions League, usahlonishwa e-England ngenxa yomlando wawo futhi uvame ukuthoba izinhliziyo zalawo maqembu asukwe ephunyukwe izicoco ezinkulu.
Womabili la maqembu azobe eshoda ngabadlali abathile ngenxa yemiqhudelwano yamazwe ngamzwe ezoqala kule nyanga, i-Africa Cup of Nations ne-Asian Cup.
IGunners ilahlekelwe nguTakehiro Tomiyasu oyingxenye yeqembu lesizwe laseJapan, no-Mohamed Elneny, obizwe iqembu lase-Egypt kwi-Afcon.
Isimo siyafana nakumaReds okumele athumele uWataru Endo eqenjini laseJapan noMohammed Salah ajoyine i-Egypt kwi-Afcon.
Ngokuvamile amaqembu ayabaphumuza abadlali abajwayele ukuqala uma kudlalwa imizuliswano yokuqala ye-FA Cup kodwa kubhekwe ukuthi womabili la maqembu akhethe izikwati eziqinile kulo mdlalo.
Umqeqeshi weLiverpool, uJurgen Klopp, kungenzeka enze izinguquko ezimbalwa njengoba ezakhe zisazobhekana neFulham kowandulela owamanqamu eCarabao Cup ngoLwesithathu ebusuku. Umdlalo olandelayo we-Arsenal kuzoba oweligi neCrystal Palace ngoJanuwari 20.
Ngokwemithetho yalo mqhudelwano, uma umdlalo wangeSonto uphela ingekho evume ukugoba uphondo, zizophinde ziqhuthane ekhaya leLiverpool, i-Anfield, ngolunye usuku kuze kucace ukuthi yiliphi iqembu elizodlulela emzuliswaneni olandelayo.
Related Topics: