LIYIVULE ngesicoco eDubai isizini ka-2023/24 yeWorld Rugby Sevens iqembu lakuleli labesilisa linqoba i-Argentina kowamanqamu Isithombe: BLITZBOKKE/TWITTER
IQEMBU lakuleli labesilisa le-Sevens Rugby, libuyise ithemba lokuthi lisengelinye lamaqembu ahamba phambili emhlabeni kulolu hlobo lombhoxo, ngesikhathi livula isizini ka-2023/24 yeWorld Rugby Sevens Series ngokunqoba umqhudelwano obuseDubai ngempelasonto.
AmaBlitzbokke ayinqobe yomithathu imidlalo yamaqoqo ngoMgqibelo eguqisa iSamoa ngo 22-14, iCanada ngo 35-14 neNew Zealand ngo 21-19. Kweyomkhumulajezi ngeSonto akhiphe i-Australia ngo 24-7 kuma-quarter-final, adlula kwiFiji ngo 14-7 kowandulela owamanqamu ngaphambi kokuqumba phansi i-Argentina ngo-12-7 kowamanqamu.
Leli qembu lifike eDubai ngaphandle komqeqeshi, uSandile Ngcobo, oselulama ngemuva kokuhlinzwa umsipha we-Achilles. Iphini lakhe, uPhilip Snyman, lithe ukudla isicoco saseDubai kube yizithelo zomsebenzi owenziwe yibona bonke abaqeqeshi nabadlali.
"Umqeqeshi uSandile ufanelwe wukunconywa kakhulu ngokulipheka kahle iqembu kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule, ngesikhathi lilungisela ukuqala kwesizini. Lonke ithimba lethu labaqeqeshi lisebenze kakhulu. Wonke umuntu wenze okungaphezu kwalokho obekucelwe kuyena,” kusho uSnyman.
“Siyilungisele kahle isizini futhi nabadlali bakhombisile ukuthi bebekulungele ukudlala imidlalo eyisithupha enzima. Indlela abasebenze ngayo, ikakhulukazi ngesikhathi kufanele bavale emuva, ikhombise ukuthi bazimisele ukubambisana uma bengaliphethe ibhola. Yinto esithanda ukuyibonga leyo singabaqeqeshi.
"Abadlali abasha balethe umfutho eqenjini futhi uma uwuhlanganisa nolwazi lwalaba abanamava kusibeka endleleni ebheke empumelelweni. Sithe sifuna ukuqala kabusha kule sizini futhi siyivule ngendlela ekhuthazayo.”
AmaBlitzbokke asezobheka ukuqhubeka nomgqigqo wawo emqhudelwaneni olandelayo ozodlalelwa eKapa, kusukela ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto.
Kulo mqhudelwano wasekhaya ozodlalelwa e-DHL Stadium, iqembu lakuleli lizoqala kwiPool A lapho ne-Ireland, i-United States neGreat Britain. AmaBlitzbokke aqale kahle nje ngesizini edlule akazange enze kahle kulo mqhudelwano, agcine egejwa nayithuba lokuzibekisela indawo kuma-Olympics ka-2024.
Khonamanjalo, umqeqeshi weqembu lesizwe labesifazane leSevens, uRanfred Dazel, uthe imkhuthazile indlela iqembu lakhe elidlale ngayo eDubai nakuba beliqala ukudlala esigabeni esiphezulu.
Yize iMbokodo ihlulwe kuyona yomithathu imidlalo yamaqoqo kodwa amaphuzu elinqotshwe ngawo akhombise ukuthi alilikhulu kangako igebe phakathi kwayo namanye amaqembu akade aqala ukudlala kulesi sigaba.
EzikaDazel zishaywe yiNew Zealand ngo 19-14, iFiji ngo 21-17 neGreat Britain ngo 17-5 kweyamaqoqo. Zinqobe iSpain ngo 17-0 kweyokuhlungela ukuqeda endaweni engcono uma sekukleliswa wonke amaqembu abeyingxenye yomqhudelwano. Zinqotshwe yiJapan ngo 12-5 sekubangwa indawo yesishiyagalolunye.
Imbokodo izoqala eqoqweni elinzima eKapa, iqhathwe neFrance, Canada ne-United States kwiPool C.