Ezemidlalo Ibhola

IBanyana Banyana nokuhlanganisa isizwe

Malibongwe|Published

UMDLALI weBanyana Banyana uJermaine Seoposenwe ungomunye wabadlali ongase angabi khona emdlalweni leli qembu lesizwe elizowudlala nelaseCongo Isithombe: BACKPAGEPIX

IZINTANDOKAZI zezwe, iBanyana Banyana, zizophinde zibumbanise iNingizimu Afrika seziqala imidlalo yokuhlungela ama-Olympic Games ango-2024 neDemocratic Republic of Congo (DRC) ekuhambeni ngoLwesithathu.

Umdlalo uzoqala ngo-4.30pm.

Umlenze wesibili ungo-Okthoba 30 ekhaya e-Orlando Stadium ngo-3.30pm.

Kuleli sonto esiphuma kulo, umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, ukhombise ukungawuthathi kancane lo mdlalo ebiza abadlali abanamava kodwa kukhona ukushayeka kwazise kunabanye abangezukuba khona ngokuphelele kule midlalo ngenxa yezizathu ezahlukene.

Omunye walaba badlali, yisilomo somgadli uJermaine Seoposenwe, yena okubikwe izinkinga zamaphepha okuwela (phecelezi i-visa) azodala ukuthi angabonakali emdlalweni wangoLwesithathu.

Nokho-ke, kulo mdlalo ozobe usekhaya, akulindelwe kube khona zinkinga ukuthi abe khona.

USeoposenwe ngomunye wabadlali abagqamile iBanyana inqoba isicoco sokuba ngompetha base-Afrika nyakenye ngokunjalo nangesikhathi iqopha umlando kwiNdebe yoMhlaba e-Australia ngo-Agasti.

Kuyimanje lo mgadli udlala eMexico.

Okunye okuvelile engxoxweni ka-Ellis nentatheli ye-iol.co.za, uMihlali Baleka behlangana kumaSasol National Championships play-offs, eBloemfontein, yingqinamba yezivivinyo zabafundi zokuphela konyaka.

Lokho kudalwa wukuthi abadlali besifazane, iningi labo bayizitshudeni kwazise ibhola labo lisalokhu lizabalaze njalo ukungena ohlwini lwabakhokhelwayo.

Kubadlali ababhala izivivinyo, kubalwa uFikile Magama noBongeka Gamede abase-University of Western Cape.

Uvezile futhi ukuthi phezu kwalokho, usamincile nasegameni lokulimala.

Isikwati seBanyana esizobhekana neDRC:

Onozinti: Andile Dlamini (Mamelodi Sundowns), Kaylin Swart (JVW FC), Katlego Moletsane (Royal AM).

Izitobha: Karabo Dhlamini, Tiisetso Makhubela, (Mamelodi Sundowns), Lonathemba Mhlongo, Bongeka Gamede, Fikile Magama (UWC), Janine van Wyk (JVW FC), Faith Nokuthula (Blackburn Rovers), Asanda Hadebe (Sunflower WFC).

Abasesiswini: Linda Motlhalo (Glasgow City), Kholosa Biyana (Mamelodi Sundowns), Nomvula Kgoale (TS Galaxy Queens), Amogelang Motau (UWC), Ayesha Moosa (UJ FC).

Abagadli: Nicole Michael, Samkelisiwe Selana (TS Galaxy Queens), Gabriela Salgado (JVW FC), Noxolo Cesane (UWC), Melinda Kgadiete (Mamelodi Sundowns), Wendy Shongwe (University of Pretoria), Hilda Magaia (Sejong Sportstoto), Thembi Kgatlana (Racing Louisville), Jermaine Seoposenwe (Monterrey).

--