UMIHLALI Mayambela useqalile ukuyiboniswa inethi eqenjini lakhe iLimassol yaseCyprus Isithombe: BACKPAGEPIX
KUBE impelasonto yenhlanhla nentokozo kubadlali abadabuka eNingizimu Afrika abasemabhukwini amaqembu aphesheya kwezilwandle njengoba abanye babo beshaye amagoli, abanye bakhela ozakwabo ngokwahlukana kwamaligi abagijima kuwona.
UPercy Tau we-Al Ahly yase-Egypt, Luther Singh weFK Cukaricki yaseSerbia, Mihlali Mayambela we-Aris Limassol yaseCyprus, Siphephelo “Yaya” Sithole weTondela FC yasePortugal, Bongokuhle Hlongwane weMinnesota United FC noLyle Foster weBurnley yase-England, bonke babe nesandla ngokwahlukana ekusizeni amaqembu abo ukuba athole amagoli emidlalweni yawo yangempelasonto.
Uqhubekile nokuvutha uTau osekunguyena ozihola phambili ngokuhlohlwa kwamagoli eligini enkulu yase-Egypt kulandela ukwengeza ngamabili ngesikhathi i-Ahly inqoba ngo 3-1 kwi-Ismaily ngeSonto.
Ngeledlule kube uTau futhi oshayela i-Ahly amagoli amabili inqoba ngo 3-0 kwi-ENNPI okumeza aqhwakele kwesokuhlohlwa kwamagoli kuleya ligi.
USingh osanda kusayina kuleli qembu laseSerbia esuka kwiFC Copenhagen yaseDenmark, ubingelele abaqashi bakhe abasha ebashayela igoli lokulinganisa kwiFK Vozdovac ngeSonto ekhaya.
Nakanjani leli goli lizomkhuthaza ukuthi aqhubeke ukuze ezofeza iphupho lakhe lokubuyela kumaligi ahlonishwa kangcono e-Europe.
Ifomu kaMayambela iqalile ukuthembisa eCyprus kwazise ubengomunye wababhakuzise inethi ngesikhathi iLimassol inqoba ngo 3-2 ekuhambeni kwi-Anorthosis ebiqala ukushaywa koweligi kule sizini.
Bekuyigoli likaMayambela lokuqala kule sizini asadlale kuyona imidlalo yeligi eyisithupha.
Yize begcine bekhale ngaphansi ngo 4-1 kwiChelsea ngoMgqibelo ekhaya kodwa uFoster uyena ovuse inyamazane ukuthi kungene igoli lokuqala lomdlalo elishaywe iqembu lakhe iBurnley.
USithole noHlongwane bona bakhele ozakwabo amagoli amahlandla amabili ngokwahlukana kwedlalwe esigabeni esiphakhela esikhulu sasePortugal nakwiMajor Soccer League (MLS) yase-United States of America (USA) ngokwahlukana.
ITondela FC kaSithole igcine inqoba ngo 4-2 kwiLeixoes SC ePortugal ngoMgqibelo kwathi iMinessota yawina ngo 5-2 wamaphasi amabili kaHlongwane kwiLA Galaxy.
Related Topics: