USTEVE Komphela umqeqeshi weMoroka Swallows ujabule ngendlela abayiqale ngayo isizini kwiDStv Premiership Isithombe: BACKPAGEPIX
UKHUTHAZWA wukuqala kahle kweMoroka Swallows, umqeqeshi wayo, uSteve Komphela othe ubengakulindele ukuthi bangazithola bebalwa namaqembu aphezulu kwi-log yeDStv Premiership.
Lo mqeqeshi uthathe izintambo ngaphambi kokuthi kuqale isizini, esuka kwiMamelodi Sundowns, abesehlale kuyona kusukela ngo-2020 esebenza ngaphansi kukaRhulani Mokwena noManqoba Mngqithi.
NgoLwesithathu ebusuku Izinyoni ziqhubekile nokucosha amaphuzu zibambana ngo 0-0 neChippa United eDobsonville Stadium.
Lo mphumela uzibeke endaweni yesibili okwesikhashana ngamaphuzu angu-14 emidlalweni eyisishiyagalombili kodwa zabuye zehlela kweyesithathu ngesikhathi iSuperSport United inqoba iCape Town Spurs ngo 2-1.
UKomphela ukholwa wukuthi bebengawaqoqa womathathu amaphuzu ekhaya kodwa abakwazanga ukudlala isitayela sabo esijwayelekile.
“Lokhu angikusho ngokuzikhukhumeza kodwa asidlalanga ngendlela yethu ejwayelekile. Asizange siwakhe amathuba acacile ngaphandle kwelilodwa obekufanele silbeke enethini.
Isiwombe sesibili sisiqedele umfutho ngoba umdlalo ubulokhu uma njalo, kungadlaleki kahle,” uKomphela usho kanje.
“Angicabangi ukuthi abantu abebebuka umdlalo basijabulele isiwombe sesibili. Besingathanda ukuwathatha womathathu amaphuzu futhi besingawathatha, kodwa sizolamukela iphuzu elilodwa.”
Mayelana nokuqala kwabo isizini ngegiya eliphezulu, uKomphela uncome iqembu ngokushesha lizibambe izinto ezintsha afike nazo.
“Engikwenzile wukuletha ikhono lami. Ngangazi ukuthi kuzoba yinselelo ukufika endaweni ehlukile kunale engiphuma kuyona. Bengingeke ngikwazi ukukhuluma ngokunqoba iligi noma ukuhlala endaweni yesibili,” echaza kanje.
“Uma sibheka umsebenzi esiwenzile, abadlali esinabo, yize singenaso isikwati esikhulu kodwa sinabo abadlali esibadingayo. Lokho kwenza ngingamangali ukuthi silapha esikhona.
“Ngokubona kwami bekufanele ngabe sesinamaphuzu angu-16 kodwa ngabe ngiqamba amanga uma ngingathi bengazi ukuthi izinto zizokwenzeka kanje. Engangikwazi wukuthi sisethubeni lokuthuthukisa iqembu eliyigugu futhi elinomdlalo omangalisayo.
“Ngesikhathi silungisela isizini ekhempini yethu ePotchefstroom besilokhu sikhuluma ngokuzalwa kabusha kweMoroka Swallows kodwa bengingacabangi ukuthi sizobe sesilapha ngalesi sikhathi.
Sisendaweni enhle, luselude ukhalo okumele siluhambe. Sisazodlala eminye imidlalo engu-22 futhi kusamele silwe izimpi eziningi.”
I-Swallows izobhekana neqembu likaKomphela elidala, iMamelodi Sundowns, emdlalweni wayo olandelayo ngemuva kwekhefu leFifa ngo-Okthoba 29.
Khonamanjalo, umqeqeshi weChilli Boys, uMorgan Mammila, ugculisekile ngokuthola iphuzu ekuhambeni.
“Uma ngikhuluma iqiniso, ukuthola iphuzu akufani nokuhlala. Bengisebenzisa abadlali abangaphilile kahle. UMosele (Goodman) ubegula, u-Aya (Konqobe) naye ubengaphilile kanti noBaraka Majogoro akadlalanga ngenxa yesizathu esifanayo.
Cishe bayisikhombisa abadlali bami abebehlushwa yizisu ezinsukwini ezintathu ezedlule,” kusho uMammila.
“Sishaye igoli elicacile, onompempe banquma ukuliphika. Ngeke sikhale ngonompempe ngoba bangabantu futhi bayawenza amaphutha.”
Umdlalo weChippa olandelayo izowudlala naMaZulu FC ngo-Okthoba 28.
Related Topics: