Ezemidlalo Ibhola

OweBanyana ubona inqubekela phambili phezu kokushaywa

Xolile Mpisane|Published

ULINDA Motlhalo umgadli weBanyana Banyana uthi kukhona ukuthuthuka ekudlaleni kwabo yize bethelwe induku yi-USA kweyobungani Isithombe: BACKPAGEPIX

UMDLALI wasesiswini weqembu lesizwe lebhola labesifazane, uLinda Motlhalo, uthi nakuba kufanele baqhubeke nokulungisa amaphutha aholela ekutheni badedele amagoli, uyayibona inqubekela phambili eqenjini.

IBanyana Banyana ishaywe yi-United States of America (USA) ngo 2-0 emdlalweni wesibili wobungani phakathi kwala maqembu eSoldier Field, eChicago, ngeSonto ebusuku. I-USA iwunqobe ngo 3-0 owokuqala obuseCincinnati ngoLwesihlanu.

Kuyona yomibili le midlalo kuphinde kwacaca ukuthi iBanyana isenenkinga yokuvimba amabhola ahamba emoyeni asuke egotshelwe ebhokisini, okuhlanganisa nama-freekick namakhona, okuyinto uMotlhalo athi kumele bayilungise.

“Sidlale imidlalo emibili enzima. Size lapha sizilungiselele futhi besazi ukuthi ngeke kube lula. Ngicabanga ukuthi senze kahle ngempela. Sike sakwazi ukuligcina ibhola futhi umdlalo wethu ubumuhle,” kusho uMotlhalo ethimbeni le-Safa labezindaba.

“Into okumele siyilungise ngama-set-piece (amakhona nama-free kick) ngoba amagoli angena ngakuthina ajwayele ukuqhamuka kumakhona.

“Kubalulekile ukudlala namaqembu alolu hlobo njengoba silungiselela imidlalo yokuhlungela ama-Olympics. Ukudlala namaqembu ahamba phambili futhi sikwazi ukumelana nawo kukhombisa ukuthi siyaqhubeka nokuthuthuka.

“Sekufanele sibe neligi ekhokhelayo eNingizimu Afrika. Asinayo manje kodwa siyakwazi ukuqhudelana namaqembu aphezulu kangaka. Iqembu lethu lingaba ngcono kangakanani uma singaba neligi ekhokhelayo ekhaya?”

Umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, ukholelwa ekutheni lolu hambo lwase-USA luzoliqinisa iqembu lakhe njengoba kukhona akubonile okumjabulisile nokunye okusafanele bakulungise.

“Sikhulume ngokusebenzisa amandla, ukugcina ibhola nokuliphasa ngokushesha. Kwesinye isikhathi besikwenza kahle lokho, kwesinye isikhathi abadlali bebeligcina kuze kweqe ibhola bese izitha ziyalintshontsha,” ubeke kanje u-Ellis naye kwabe-Safa.

“Ngicabanga ukuthi sidlale kahle. Iqembu belinesibindi futhi ngiyaziqhenya ngalo. Sivale kahle, sawathola namathuba ambalwa kodwa besidinga abadlali abazofika ebholeni. Nginethemba elikhulu ngekusasa leqembu lethu.”

IBanyana isizobamba iqhaza kwi-Cosafa Women’s Championship ezoqala ngo-Okthoba 4 eGauteng, ngaphambi kokuthi idudulane neDemocratic Republic of Congo kweyokuhlungela ama-Olympic ngasekupheleni kuka-Okthoba.