Ezemidlalo Ibhola

AbeBanyana bahamba phambili ngomklomelo wamagoli kwiCosafa

Malibongwe|Published

UMDLALI weBanyana Banyana uSibulele Holweni, ongomunye wabadlali asebehlohle amagoli amaningi ngaphansi kweCosafa, okubhekeke ukuba kuphume ingqwele kubo Isithombe: BACKPAGEPIX

BAZIHOLA phambili abadlali beBanyana Banyana, uma kubhekwa abahlohli bamagoli abahamba phambili ngokudla umklomelo wesicathulo segolide kwiCosafa Women’s Cup.

Owakulo nyaka umqhudelwano uzodlalwa phakathi kuka-Okthoba 4 -11. IBanyana iqhathwe eqoqweni lika-A neMadagascar, Eswatini, neMalawi.

Nampa abadlali abadle isicathulo segolide eminyakeni emihlanu edlule.

2018 – Linda Motlhalo (South Africa) – 4 amagoli

UMothlalo akalithwali ijoka lokushaya amagoli ngoba ungumdlali wasesiswini kodwa ukuba ngumvusi wenyamazane, kumenza azithole ezungeza ibhokisi isikhathi esiningi.

Yilokho okwenzekile ngo-2018 eshaya amagoli amathathu emdlalweni lapho iBanyana yehlule iMalawi, ngo 6-0.

Elesine ulishaye benqoba i-Uganda ngo 2-0 kumasemifinal lokho kubawezele kowamanqamu lapho beshaye iCameroon, ebiyizimenywa.

Uyisilomo seBanyana esesidlale e-United States, China, Sweden kanti kumanje uzinze eScotland, kwiGlasgow city. Ubekhona zombili izikhawu ngesikhathi iBanyana idlala kwiWomen’s World Cup.

2019 – Rachel Nachula (Zambia) – 10 amagoli

UNachula ubevutha engabaselwe ngo-2019, ngesikhathi eshayela iZambia, amagoli ayisishiyagalombili emdlalweni wokuqala abamboza kuwo iMauritius ngo 15-0.

Ubasele amanye amabili kumasemifinal behlula iBotswana, kwaholela ekutheni iZambia, ingene kowamanqamu eCosafa, okokuqala ngqa.

Bahlulwe yiBanyana ngo 1-0 kowamanqamu.

Ube neshwa nokho uNachua elimala nokumenze wasala esikwatini esiya kumaTokyo Olympics, Women’s Africa Cup of Nations eMorocco neWomen’s World Cup, e-Australasia.

Eminyakeni engu-37 ubudala, uNachua uke wadlala kwiZaragoza eSpain, kanti uke wagijima nakuma-Olympics.

2020 – Sibulele Holweni (South Africa) – 8 amagoli

Bezingekho izilomo zeBanyana kwi-2020 Cosafa Women’s Championship nokuvulele amathuba izilomo ezifana noHolweni.

Uqale ukuboniswa inethi behlula ngo 5-0 i-Eswatini. Ulandele ngamanye amahlanu behlula iComoros ngo 7-0. Uqhubekile wawaqhulula bebhekene neMalawi, neBotswana baze baqukula isicoco.

2021 – Sibulele Holweni (South Africa) – 5 amagoli

Ukugcwalisa ukuthi bekungesilo iphutha, uHolweni usiphindile isicathulo segolide ngamagoli amahlanu ngo-2021, okuyisimanga esenziwa ngumdlali osethenjwe ukuyibamba emuva kwesokunxele, kulezi zinsuku.

Ushaye amabili behlula ngo 3-1 iMozambique, amabili bedlula ngo 3-2 kwiMalawi, nelilodwa bebanga ithusi ababambane kulo neZambia ngo 1-1.

Kwaba kubi ukuthi ashwebe iphenathi, lokho kwenza babuya belambatha.

Eminyakeni engu-22 ubudala, iminyaka isamvumela ukuwahlaza amanye amagoli.

Ngomunye obekhona kwiWomen’s World Cup kwabadlali kwiHollywoodbets Super League lapho edlalela khona i-Univercity of Western Cape.

Ubengukaputeni kwi-Under 17.

2022 – Barbabra Banda (Zambia) – 10 amagoli

Amagoli kaBanda asize amaZambia Copper Queens, adla isicoco sawo sokuqala seCosafa, ngegoli elidle iBanyana kowamanqamu ngo-2022.

Akekho noyedwa kulo mqhudelwano ofinyelele kwamahlanu amagoli.

UMDLALI weZambia uBarbabara Banda, ongomunye wabadlali asebehlohle amagoli amaningi ngaphansi kweCosafa, futhi kubhekwe ukuthi baphume ingqwele kubo Isithombe: BACKPAGEPIX

Bekulindelwe kodwa emuva kokubasela kabili amagoli amathathu emidlalweni ehlukene kumaTokyo Olympics.

Waba yisethenjwa samagoli ngesikhathi esiza iZambia, yehlula iCosta Rica kwi-2023 Women’s World Cup.