Ezemidlalo Ibhola

OweStellies ucikwe uNtseki ngolukaMthethwa

Zakhele Xaba|Published

USTEVE Barker umqeqeshi weStellenbosch akaneme ngokuphawula kukazakwabo kwiKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki Isithombe: BACKPAGEPIX

AYEHLANGA kahle kumqeqeshi weStellenbosch, uSteve Barker, eyokukhuluma esidlangalaleni ngomdlali wabo ngumqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki.

UBarker ubekhuluma emuva kokuthi iStellies ibuye nephuzu kwiLamontville Golden Arrows bebambana ngo 0-0, koweDStv Premiership eHammarsdale, ngoMgqibelo. Kuqale impelasonto liphezulu igama lenjini yeStellies, uSibongiseni "Ox" Mthethwa, ngemuva kokuthi uNtseki etshele abezindaba ukuthi bayamhalela lo mdlali.

UNtseki uthe bengathanda ukusayinisa uMthethwa uma engatholakala futhi benayo imali yokumthenga. Usho lokhu nje, sekunesikhathi kuvela ukuthi Amakhosi ayamfuna lo mdlali waseMtshezi kodwa avinjwa yimali efunwa iStellies ngaye.

UBarker uzwakalise ukungenami ngenkulumo kaNtseki.

"Njengomqeqeshi ngeke ngikwenze lokho. Baningi abadlali engibafisayo bamanye amaqembu kodwa uma thina siyiStellenbosch sifuna umdlali welinye iqembu, sifaka abaphathi, isikhulu esiphezulu ukuthi sixhumane naleli qembu ngendlela eqondile. Iyona indlela elungile yokwenza izinto. Kuyacasula uma sekuphumela kwabezindaba ngoba umdlali ngoweStellenboch," kusho uBarker.

Uma iChiefs imdinga ngempela uMthethwa, isalelwe yizinsuku eziyisihlanu kuphela ukuthi imthenge kwiStellies okuvele ukuthi ifuna u-R15 million ngaye. Lokhu kungenxa yokuthi iwindi lokubhalisa abadlali lePremier Soccer League (PSL) liyavala ngoLwesihlanu. UBarker uyibize ngamampunge ekaMthethwa neChiefs.

"Angizinaki izinkulumo ezinjena, zihlala zingamahlebezi. U-Ox ungumdlali omuhle futhi kumnandi kuyena ukuba nathi. Uma unomdlali omuhle futhi iwindi lisavuliwe, kuyohlala kunamahlebezi. Kodwa okwamanje, kuseyilokho nje. Ngiyajabula ukuthi uzibophezele kithina futhi uphinde washaya into ecokeme namuhla," kusho yena.

Ngemuva kwamahora ambalwa uBarker eyichithile eyeChiefs, isikhulu esiphezulu seStellies, uRob Benadie, sicashilunwe yi-website yeSABC sivuma ukuthi iChiefs ikhona emaqenjini afuna uMthethwa.

UMthethwa uqede umdlalo ne-Arrows esefake ibhande likakaputeni kulandela ukulimala kukaDeeno van Rooyen esiwombeni sesibili. Kusasa, iStellies izokwamukela iMoroka Swallows emdlalweni weDStv Premiership eDanie Craven Stadium, eKapa, ngo-7.30 ebsuku.