ISIKHWISHIKHWISHI se-Arsenal neqembu lesizwe lase-England, uBukayo Saka, silandela uJack Wilshere (2011) ukunqoba iMen’s PFA Young Player edlalela la maqembu womabili Isithombe: TWITTER
SIBUYISE isithunzi isihlabani se-Arsenal (Gunners) ebholeni lase-England, uBukayo Saka, sinqoba umklomelo iMen’s PFA Young Player of the Year ngesizini ka-2022/2023.
USaka, oyibamba ezimpondweni kwi-Arsenal nakwi-England, uhlule u-Erling Haaland weManchester City noMoises Caicedo, osanda kuthengwa yiChelsea kwiBrighton.
Abanye abakhale ngaphansi nguGabriel Martinelli naye we-Arsenal, Jacob Ramsey we-Aston Villa nebhoxongwana leBrighton u-Evan Ferguson.
USaka akasiye umdlali wokuqala we-Arsenal ukunqoba lo mqhudelwano kodwa ungowokuqala wase-England odlala kuleli qembu kusuka ngo-2011.
UJack Wilshere, osengumqeqeshi, nguye ogcine ukunqoba lo mqhudelwano edlala kwi-Arsenal naseqenjini lesizwe lase-England ngalo nyaka.
Lokhu kusho ukuthi uSaka uqede ishobolo leminyaka engu-12 i-Arsenal ihlulwa wukuphosa umdlali wezinga elibabazekayo esivivaneni seqembu lesizwe.
Ngaphambi kwakhe kwakukade kuyinkakha, uPaul Merson, ngo-1989.
Emuva kukaMerson, osengumhlaziyi manje, i-Arsenal kuyithathe iminyaka engu-10 ukuphinde ibe nomdlali onqoba lo mklomelo kodwa wayengasiyena owase-England.
Lowo nguNikolas Anelka waseFrance, ngo-1999. Phakathi kuka-Anelka noWilshere kwakube nguCesc Fabreags waseSpain, ngo-2008.
Kukho konke lokhu kodwa, azisalanga izikhalo zokuthi lo mklomelo bekumele uhambe noHaaland, oqede isizini edlule namagoli amaningi ukubedlula bonke eligini yase-England.
Related Topics: