UBERNARD Parker umgadli weTS Galaxy uncoma ubuhlakani bomqeqeshi wezakhe Isithombe: BACKPAGEPIX
UMGADLI osephenduke esinye sezithenjwa kwiTS Galaxy, uBernard Parker, ubona umqeqeshi waleli qembu, uSead Ramovic, enganikwa isithunzi esanele ebholeni lakuleli.
Lo makadebona osegudle kumaqembu afana neRed Star Belgrade yaseSerbia, Panserraikos yaseGreece, FC Tweente yaseNetherlands nakwiKaizer Chiefs, utshele Isolezwe ukuthi uzizwa ebusisekile ngokusebenza nalo mqeqeshi waseGermany.
Uthe kusukela esadlala kuleli kuya kumazwe aphesheya, uRamovic ungomunye wabaqeqeshi abahlakaniphile aseke wasebenza nabo.
Umchaze njengosomaqhinga owenza umsebenzi wakhe ngokukhulu ukuzimisela.
UParker okuyisizini yesibili esebenza noRamovic, uthe okumphatha kabi ukubona enganikwa indawo yakhe lo mqeqeshi.
"Angifuni ukuzwakala kabi, ekugcineni umqeqeshi uRamovic uqashwe iGalaxy. Kodwa ngiye ngibone uma kukhulunywa ngezimo zebhola lakuleli ushiywa ngaphandle, kuphawuliswe abanye. Ngeshwa nabezindaba abamniki thuba. Bengizothi mhlawumbe ingoba owangaphandle,“ kusho uParker.
“Kubuye kwafika emqondweni ukuthi abanye abangaphandle kwakuleli bayanikwa ithuba lokubeka imibono. Umqeqeshi uRamovic uhlakaniphile, angingabazi ukuthi usazozakhela igama kuleli ngemisebenzi yakhe. Yebo izinto kumasizini edlule azihambanga kahle kodwa ngicabanga ukuthi useyazi njengoba ezazi iGalaxy. Useyaliqonda nebhola lakuleli."
URamovic waseStuttgart, eGermany, ufike kwiThe Rockets ngo-Okthoba wesizini ka-2021/22, ezovala isikhala sika-Owen Da Gama. Iqembu belisemsileni. Ligcine liqede kweyesi-13. Kweka-2022/23, lisonge kweyeshumi. Ngaphansi kobuholi bakhe baqalile babizelwa kwiBafana Bafana abadlali beGalaxy okubalwa uBathusi Aubaas osekwiMamelodi Sundowns, Melusi Buthelezi (othengwe i-Orlando Pirates) no-Ethan Brooks (AmaZulu). Uneziqu ze-Uefa Pro Licence.
Esadlala ube ngunozinti kumaqembu angakubo okuyiStuttgarter Kickers, VfL Stuttgart, Borussia M'gladbach neKickers Offenbach. Udlale naseNorway, Turkey, Serbia, Denmark nase-Ukraine.
UParker uveze ukuthi imbangela yokuvula kahle isizini kube umhlangano ababe nawo bengabadlali abadala.
Emidlalweni emithathu yokuqala iGalaxy ishaye iCape Town Spurs ngo-1-0, yabambana ngeqanda neChippa United, yahlula iChiefs ngo 1-0. Nokho ngempelasonto iguqe ngo1-0 kwiRoyal AM eHarry Gwala Stadium. Kusasa izovakashela AmaZulu FC koweligi eMoses Mabhida Stadium ngo-7.30 ebusuku.
"Awukho umyalelo ophume kubanikazi beqembu ngokumele sikuzuze kule sizini. Akwehlanga kahle ukuqeda isizini edlule sibalwa namaqembu asezansi. Okungiphathe kabi kakhulu ukuthi kwenzeke lokhu ekubeni besidlala kahle. Ekuhlanganeni kwethu singabadlali sivumelane ngokuthi sisekane.
“Kwisipiliyoni sempilo enginaso, kulula ukwenza umsebenzi uma uziqalele wena ngenhliziyo emhlophe. Uma sekunengcindezi ephuma kubazali ugcina sewenza namaphutha. Yiqembu lethu leli, kumele sililwele. Sishiywe ngabadlali abebenamava. Lokhu kusiphoqa ukusebenza ngokwengeziwe," kubeka uParker.
Related Topics: