Ezemidlalo Ibhola

Ukhala uyazithulisa umndeni kajokhi wodumo obulewe

Sithembiso Mkhize|Published

ULINDANI Dube kwesokunxele amukela indebe yeDundee July kuNgqongqoshe wezeMidlalo, uDkt Ntuthuko Mabaso

UKHALA uyazithulisa umndeni kaLindani Dube obengujokhi wehhashi lodumo kwiDundee July, u-Alpha & Omega, obulawe ngoLwesibili e-Eastern Cape.

Kuvele ukuthi uDube (27) udutshulwe nobehamba naye bashona besendaweni yesigameko.

Lo jokhi waseDaggakraal, e-Amersfoort, eMpumalanga, uzakhele igama enqoba iDundee July Horse Racing yalo nyaka.

Ngemuva kokunqoba watshela Isolezwe ukuthi ngo-R300 000 owumklomelo uzothenga ingqovungqovu yemoto nenqola azolayisha kuyo ihhashi likayise, u-Alpha & Omega alichaza njengomgani wakhe.

Bekucaca ukuthi uya kude nalo mdlalo wamahhasi okutelebhela njengoba ephinde waphuma isibili kwiKing Cetshwayo July Horse Racing, ebingenyanga efanayo eMpangeni.

Ngempelasonto edlule uphinde waphuma endaweni efanayo umjahweni obuseMkhondo eMpumalanga.

Uyise, uMoses Dube, utshele Isolezwe ukuthi kuphithene ikhanda kuye ngokudlula emhlabeni kwendodana yakhe, ayichaze ngokuthi ibinekusasa kulo mdlalo futhi inomusa.

Echaza ngokwenzekile, uthe indodana yakhe ithole ucingo obeluyimemela emqhudelwaneni ozoba ngempelasonto e-Eastern Cape.

Isuke ekhaya ngoMsumbuluko iyohlangana noNqaba Bandla abezogibela ihhashi lakhe, elaziwa ngeKusasa Alaziwa. UBandla okuvele ukuthi naye ubuluwe, ubeyihlangabeze eMgungundlovu.

"Ngithuke ngacishe ngashayeka phansi ngithola ucingo ngoLwesibili ngezithuba zo-5.30 ntambama ngitshelwa ukuthi uLindani noBandla abasekho emhlabeni.

Ongishayele ucingo uthe kuthe bebuya edolobheni eMthatha bavinjwe yimoto okuphume kuyo abalisa abavulele ngentululwane yezinhlamvu.

Kuthiwa indodana yami noBandla bashone besendaweni yesigameko. Angikakabi nolwazi oluphelele. Ngisendleleni ebheke khona e-Eastern Cape,“ kusho uyise kaLindani.

“Kuthiwa bekushayela indodana. Uma ngifika ngizonikela esiteshini samaphoyisa ukuyozwa ukuthi kwenzekeni ngempela. Angazi ukuthi lobu buhlungu engikubo nomndeni wami ngingabuchaza ngithini.

Sengikhalela izingane zakhe zabafana ezintathu. Zisencane kabi ukuthi zingaphucwa uyise ngale ndlela."

Uthe uma zonke izinhlelo zihamba kahle, bazofihla ngeSonto eMpumalanga. UNgqongqoshe wezeMidlalo KwaZulu-Natal, uDkt Ntuthuko Mahlaba ubhonge emswaneni.

"Lesi sehlakalo sinyantisa igazi. Siphelelwa ngamazwi. Sithi duduzekani kuyise, uDube nasemndenini, abacije lo jokhi wagcina evelele kulo lonke (lolu hlobo) lomdlalo. Sidlulisa amazwi enduduzo nakubalingani bakhe abegibela nabo. Silahlekelwe sonke," kubeka uMahlaba.

UMenzi Buthelezi ongusihlalo weKZN Traditional Horse Racing and Breeding Association uthe: “Ubeya kude kulo mdlalo. Ufike waqeda ukukhonya kwamahhashi afana noNxakanxaka namanye. Engathi ungaduduzeka umndeni wakhe.”