Ezemidlalo Ibhola

OwaseZimbabwe ufuna uBilliat ahambe eMzansi

Zakhele Xaba|Published

UBENJANI Mwaruwari waseZimbabwe ngesikhathi evakashele iqembu leSuperSport United leDstv Diski Challenge elihambele e-UK Isithombe: ZAKHELE XABA

INSEPHE yaseZimbabwe, uBenjani Mwaruwari, icebisa umkhaya wayo uKhama Billiat ngokuthi afulathele iNingizimu Afrika, ayobheka amadlelo aluhlaza kwamanye amazwe.

UMwaruwari (44), ozakhele igama eshaya amagoli kwiJomo Cosmos eMzansi ngaphambi kokuhlwithwa yi-Auxerre yaseFrance ngo-2002, ubekhuluma naleli phephandaba eseBistol City, e-England.

Ubengomunye wabebehambele umdlalo wompetha beDStv Diski Challenge, iSuperSport United neBristol City kuleli dolobha ngoLwesibili. Amatsatsantsa azodlala imidlalo yobungani ehlukane namaqembu ase-United Kingdom kulolu hambo olwaziwa ngeDStv Diski Challenge Tour 2023.

UMwaruwari, owafulathela iNingizimu Afrika emuva kokudla umklomelo womdlali ovelele kwiPremier Soccer League (PSL), uthe uBilliat akayishiye iNingizimu Afrika. UBilliat (32) akucaci ukuthi uzovumbuka kuliphi iqembu, selokhu anyamalala esethenjiswe inkontileka entsha yiKaizer Chiefs.

"Uma ngingamcebisa, ngingathi uma kukhona iqembu langaphandle kwaseNingizimu Afrika elimfunayo, akaye kulona. Kwesinye isikhathi kule minyaka akuyona uyakudinga ukushintsha umoya uhambe uyocabanga kabusha, udlale ibhola lakho. Abantu bengakusho ukuthi uyofuna imali yomhlalaphansi. Noma ngabe bathini kodwa ngicabanga ukuthi uKhama udinga lokho okwamanje. Nginethemba lokuthi uzolithola iqembu ngokushesha," kusho uMwaruwari odlale nakwiManchester City yase-England.

Kusukela iChiefs imemezele ukuthi ayimazi ukuthi ukuphi uBilliat, akukaze kuzwakale ukuthi kukhona iqembu alijoyinile. Kunemibiko ethi ufunwa yiDynamos yangakubo nelinye iqembu laseTurkey.

UMwaruwari usezinze e-England lapho ezama khona ukuthola umsebenzi wokuqeqesha. Uneziqu zokuqeqesha zase-Europe, i-Uefa A Licence.

Udalule ukuthi iyamgqugquzela impumelelo kaBenni McCarthy ongumqeqeshi wonozinti kwiManchester City. UMwaruwari, osebuya ekubeni yiphini lomqeqeshi eqenjini lesizwe laseZimbabwe, uthole umsebenzi wokuqala eqeqesha ngokuzimela eqashwa yiNgezi Platinum yangakubo nyakenye kodwa yamxosha emuva kwemidlalo engu-13. Kule midlalo uwine emithathu kuphela. KwiPlatinum usebenze noTinashe Nengomasha wodumo kwiChiefs oyimenenja.

"Njengomqeqeshi ufuna ukuba sezingeni eliphezulu kodwa thina ebesingabadlali siyajaha. Ngizozikhulumela mina ngoba ngisheshe ngathola ithuba lokuqeqesha iqembu elikhulu eZimbabwe, ngalibamba. Ngokwami ngicabanga ukuthi ngenze kahle kodwa kwesinye isikhathi kukhuluma izinombolo," kusho uMwaruwari.

"Lokhu ebengifuna ukukwenza akuphumelelanga kwazise bengidinga isikhathi sokwenza into yami. Kodwa kwesinye isikhathi abaphathi bamaqembu abahlukene banezinhloso ezihlukile. Kungenzeka bafune imiphumela ngokushesha kodwa ngebhadi akukhona lokho esasivumelene ngakho. Kwakumele nginikwe isikhathi sokwenza izinto zami kodwa ngebhadi kwenzeka ngenye indlela."