UCLINTON Larsen osohlwini lwabaqeqeshi abagaqelwe yiMaritzburg United engazimisele ngokuhlala isikhathi eside esigabeni seMotsepe Foundation Championship ezobe idlala kuso ngesizini ezayo Isithombe: BACKPAGEPIX
KUVELA igama likaClinton Larsen ohlwini lwabaqeqeshi abagaqelwe ngusihlalo weMaritzburg United, uFarook Kadodia, osha amashushu ngokubona leli qembu likhuza ibuya ngokushesha esigabeni seDStv Premiership kulandela ukugawulwa kwalo yizembe ngesizini edlule.
Kuvela ukuthi usihlalo waleli qembu obekuthola kunzima ukwemukela ukuthi ezakhe ziyodlala esigabeni seMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo, usegcine ehlanze ngedela wemukela njengoba kumanje ephansi phezulu ehlonza umqeqeshi onamava ozohola le liqembu ngempumelelo kwiMotsepe Championship bese libuyela kwiPremiership.
Ngokusho komthombo waleli phephandaba osondelene kakhulu neMaritzburg, uLarsen okumanje uqeqesha iMagesi FC yaseLimpopo edlala kwiMotsepe Championship, nguyena ohamba phambili ohlwini lwabaqeqeshi abafunwa yiMaritzburg.
Ngokusho kwalo mthombo, omunye umqeqeshi ogaqelwe yiMaritzburg, uPitso Dladla, osanda kwehlukana neRichards Bay FC edlala kwiPremiership nosazi njengentende yesandla sakhe isigaba seMotsepe Championship, kwazise uqeqeshe isikhathi kulesi sigaba ngaphambi kokukhuphulela iRichards Bay kwiPremiership ngesizini ka-2021/22.
“UClinton nguyena okubukeka esethubeni njengomqeqeshi weMaritzburg ngenxa yobudlelwano obuhle anabo nosihlalo uKadodia. Ukhumbule nokuthi wake waliqeqesha phambilini le liqembu.
Kodwa-ke futhi noPitso (Dladla) unethuba ngenxa yesipiliyoni anaso ekuqeqesheni kwiFirst Division, njengoba enerekhodi lokufaka iqembu leFirst Division kwiPremiership,” kusho umthombo.
ULarsen usayine inkontileka yesikhashana enombandela wokwelulwa eyeMagesi ayisindise ezembeni ngesizini edlule, kanti uDladla njengamanje akanaqembu kulandela ukukhonjwa indlela yiRichards Bay muva nje.
Lo mthombo uphinde wakuveza nokuthi uKadodia uke wazama ukuba nezingxoxo nosihlalo weRichards Bay, uSifiso “Jomo” Biyela, emizamweni yokuthenga isitifiketi seDStv Premiership, kodwa wabuya ekamabuyaze.
“Uke wazama uKadodia ukuthenga isitifiketi seRichards Bay, kodwa wagcina ehlulekile. Ngokuzwa kwami zona bese ziqala ukuvuthwa izingxoxo, kodwa wabuye washaya ungqimphothwe uBiyela, kwagcina kungasavunyelwananga, okuyingakho-ke manje esegxile ngokuphelele ekulungiseleleni iMotsepe Championship, ” kusho umthombo.
Ethintwa yiSolezwe Ngempelasonto uKadodia, uthe: “Angazi ukuthi nikuthathaphi ngempela ukuthi mina ngike ngazama ukuthenga isitifiketi seRichards Bay? Ayikho leyo nto.
“Iqiniso wukuthi ngesizini ezayo iMaritzburg izobe idlala kwiMotsepe Foundation Championship, futhi sesiyawaqala amalungiselelo angesizini ezayo. Okomqeqeshi, yebo ukhona esixoxisana naye, kodwa engingeke ngimdalule,” kusho uKadodia.
Ngeledlule kuvele ukuthi leli qembu selidilize abanye abasebenzi ngenhloso yokunciphisa izindleko njengoba lizobe liyibambe esigabeni seMotsepe Championship ngesizini ezayo.
Kulindeleke libagcine abanye abadlali abambalwa ebelidlala ngabo ngesizini edlule, kulandela ukulahlekelwa ngabaningana kulandela ukugawulwa yizembe ngesizini edlule.
Related Topics: