USIHLALO wePSG Amabhaca Ladies yaseMzimkhulu, uBongani Gumede, othi unephupho elikhulu ngaleli qembu elidlala kwiSafa KwaZulu-Natal Sasol League Isithombe: PSG AMABHACA FACEBOOK
UMPHATHI wePSG Amabhaca Ladies, edlala kwiSafa KwaZulu-Natal Sasol League, uBongani Gumede, uthi iphupho lakhe wukubona leli qembu lasendaweni yasemakhaya eMzimkhulu lincintisana namaqembu amakhulu ebhola esigabeni seHollywoodbets Super League.
I-PSG Amabhaca yaseMzimkhulu yisizini yayo yokuqala le, idlala esigabeni seSasol League kulandela ukuba uGumede ongumphathi waleli qembu nosomabhizinisi waseMzimkhulu, ethenge isitifiketi seGolden Horse FC okuyilona kuphela iqembu lakule ndawo ebelidlala kwiSasol League ngesizini edlule.
Engxoxweni abe nayo neSolezwe, uGumede ukubeke kwacaca ukuthi yize ezakhe kuyisizini yazo yokuqala kwiSasol League, kodwa zizele ukuzofaka ukushisa kulesi sigaba.
“I-PSG ngiyithatha njengeqembu elikhulu, futhi elinezinhloso ezinkulu. Bekungikhathaza ukungabi bikho kwamaqembu ebhola abafana nawamantombazane akulesi sifunda saseHarry Gwala, adlala esigabeni esisezingeni (elithe thuthu) okuyiMotsepe League neSasol League.
“Yingakho-ke njengomunye wosomabhizinisi abakhulu la eMzimkhulu ngibone kufanele ukuthi kube neqembu lamantombazane eliqinile elizodlala kwiSasol League. Sithenge isitifiketi seGolden Horse yakhona eMzimkhulu ebidlala kwiSasol League, sabe sesithola abadlali abanamava sabahlanganisa nabo laba abebekhona.
“Emuva kwemidlalo embalwa kuqale isizini, sibe sesibona kunesidingo sokuqinisa isikwati sethu ngabadlali abangu-12 beKwaMashu Sisters FC eyiqembu elenza kahle kakhulu kwiSafa eThekwini Women’s Regional League, saphinde saqasha nabaqeqeshi bayo abathathu, uSanele Shezi, uMzonezwi Ndwandwe noMfaniseni Mnyandu,” kuchaza uGumede.
Eqhuba uphinde wathi: “Iphupho lami elikhulu ngaleli qembu wukulibona ngelinye ilanga lidlala esigabeni esikhulu sebhola labesifazane lapha eNingizimu Afrika, iHollywoodbets Super League, liqhudelane namaqembu amakhulu anjengoMamelodi Sundowns Ladies, mhlawumbe nalo ligcine lidlala nasemqhudelwaneni omkhulu iCaf Women’s Champions League.
Ngakho-ke ngaleli qembu sifuna ukuthi abesifazabe basemakhaya babone ukuthi ukudlala ibhola kungabayisa kude kakhulu, futhi bagcine sebeziphilisa ngalo njengoba sibona kwenzeka nakubadlali beBanyana Banyana abadlala emaqenjini aphesheya kwezilwandle.”
.
Imidlalo yeSafa KwaZulu-Natal Sasol League:
NgeSonto ngo-1emini:
Ku-Stream A:
Ayaphila Ladies v Dlala Ntombazane FC (Nkanini Grounds); PSG Amabhaca Ladies v Umlazi Arsenal (Umzimkhulu Turf)
Ku-Stream B:
Darnall Ladies v White City Ladies (Darnall Stadium); Makhanisi Ladies v Sapphire Ladies (KwaMsane Sports Complex)
Related Topics: