USIHLALO weManchedter City, uKhaldoon Al Mubarak, uzwakalise ukudinwa ngefinancial fair play (FFP - okungumgomo wokusetshenziswa kwemali) esiphenduke ifu elisitha ubungqwele babo ngesizini ka-2023/2024.
Iqembu likaPep Guardiola liqophe umlando linqoba i-Uefa Champions League, iPremier League neFA Cup ngesizini edlule.
Ibe yiqembu lesibili kuphela lase-England ukwenza lokhu, ilandela omakhelwane iManchester United ka-Alex Ferguson yango-1999.
Nokho iCity isibekelwe yizinsolo ebekwe zona ngoFebhuwari ngezigaba ezingu-115 zokuphulwa kwePremier League financial fair play ezisuka ku-2009.
Iphinde yasolwa ngokungabambisani nengalo yomthetho.
UKhaldoon, ekhuluma nabezindaba zeqembu, walile ukuveza okuningi kodwa wathembisa ukuhluba udlubu okhasini kungekudala.
“Nginemibono eqinile ngalokho. Kuyadina nje ngoba kumboza umsebenzi omuhle owenzeka eqenjini futhi akwenzeki nje kuphela enkundleni yokudlala,” kusho u-Al Mubarak.
“Enkundleni, abadlali abakuzuzile kule sizini, izicoco ezintathu, kuyamangaza.
“Namuhla leli qembu linengcebo elinganiswela ku-$6 billion (R123 bllion).”
Related Topics: