UKhaldoon Al Mubarak noErling Haaland. isithombe: TWITTER/@cityreport_
IBAMBENE ngezihluthu kusihlalo weManchetsre City, uKhaldoon Al Mubarak noweSpanish La Liga, uJavier Tebas abaphosana ngamazwi alumelayo nxazonke.
“Kunokusa okubhedayo la. Uma sibheka emuva emarekhodini okusayiniswa kwabadlali kwiLa Liga (abadlali ababiza ukubedlula bonke emhlabeni) kubadlali abanjengoFigo noZidane (uZinedine - bobabili ababeyingxenye yamaGalaticos nabaphula amarekhodi okubiza kakhulu ngaleso sikhathi).
“Ngubani-ke oqale into yokusayinisa abadlali ngezindodla. Kunamuhla iManchester City ayinaye noyedwa umdlali obalwa kwababiza ukubedlula bonke emhlabeni jikelele kwabangu-10 abaphezulu,” kusho u-Al Mubarak enkulumweni eqoshiwe yaphanyekwa ezinkundleni zokuxhumana.
“Abantu abahlala ezindlini ezakhiwe ngezingilazi, abamusa ukujikijela amatshe...Asingalibali ukuthi i-English Premier League yiligi ehamba phambili emhlabeni.
“Lokho kuhlukumeza abantu abaningi. Sineligi enkulu emhlabeni, iligi egaya imali ukuwedlula wonke emhlabeni...amaqembbu agaya imali ukuwedlula wonke emhlabeni. Ngiyazi abantu abakukhathalele ukuvikela iManchester City kodwa uNkulunkulu emuhle, asikulwele ukuvikela le ligi.”
Indaba iqale ngokuthi iCity ifinyise igazi iReal Madrid kumasemifinal e-Uefa Champions League ekubeni ngapha izinwengulela esicocweni sePremier League.
UKhaldoun ugcizelele ukuthi nakuleli windi basazoqhubeka nokuthenga inqwaba yabadlali.
Related Topics: