Ezemidlalo Ibhola

Iphundliwe eyesicoco kuMane ephuma eMunich ibheke eLiverpool

Malibongwe|Published

KUBUKEKA ivuthwa indlela kaSadio Mane esuka eMunich ilibangise eLiverpool kulandela ukunuka iphunga leqaqa kulo mdlali emuva kokungqimuza uzakwabo uSane ngenqindi ezindlini zokushintshela Isithombe: BACKPAGEPIX

IYA iphundleka usuku nosuku indlela ye-African Footballer of the Year, amahlandla amabili, uSadio Mane, ephuma ezikhondlakhondleni zaseGermany, iBayern Munich ebheke kwiLiverpool.

UMane (31), uzoqeda isizini yokuqala ekwiBayern kodwa akuhambanga kahle empilweni yakhe yokudlala ibhola kangangoba sekuze kwavela namagama asakungabaza ubuqhawe bakhe enkundleni.

NgoLwesine kuvukwe nezindaba ezithi iBayern isisifake ohlwini lwabadayisayo isilomo saseSenegal uMane ngokunjalo nozakwabo uSerge Gnabry.

Mathathu amaqembu amataniswa nokusayinisa uMane kusuka ngoLwesine. Lawo, yiLiverpool ecijwa yiJalimane elinguJurgen Klopp, okuyiyo emdayisele iBayern.

Kuvela ukuthi yona isiphumele obala ngokuhalela ukumbuyisa yize ibisebenze kwacaca ivala isikhala sakhe ngoDarwin Nunez.

Amanye amaqembu abalwayo yi-Inter Milan neChelsea kodwa okungaveli wukuthi kukhona yini asebeke babeka okuthile etafuleni.

IChelsea iphinde imataniswe noRafael Leao we-AC Milan. Kusuka ewelele kwiBayern, uMane izinto azimhambelanga neze kahle.

Kamuva uqale ukunuka iqaqa kubaphathi nakozakwabo ngesikhathi egadla ngenkomane kuzakwabo, uLeroy Sane, ngenxa yokuhluthulwa wukushaywa kwabo yiManchester City kuma-quarterfinal e-Uefa Champions League.

USane ungomunye wabadlali abathandwayo abadlalela iqembu lesizwe laseGermany nokuyikho, okubonakala kumdalele isigcwagcwa kubaphathi beqembu kanjalo nabathandi bebhola kuleliya lizwe.

Njengoba kwaziwa ukuthi uSane akaconsi phansi kubalandeli bakanobhutshuzwayo, lesi sigameko siholele ekutheni uMane aphenduke inkomo edla yodwa.

Uvele ubengabanga nesizini enhle uMane kwazise ufike walimala eGermany kangangoba uze washweba nethuba lokumela iSenegal kwi-2022 Fifa World Cup eQatar ngoNovemba noDisemba.

EMunich, uMane uqale imidlalo engu-17 yeBundesliga. Kanti uhlale iminyaka eyisithuha kwiLiverpool wayisiza yanqoba iChampions League, Premier League neFA Cup nokumhlabanise kabili ngesicoco somdlali ovelele e-Afrika.