Ezemidlalo Ibhola

Iqembu lePSL licathamela u-Akpeyi

Sithembiso Mkhize|Published

UDANIEL Akpeyi unozinti weSwallows FC okuvela ukuthi ufunwa iStellenbosch FC Isithombe: BACKPAGEPIX

KUVELA ezithi iStellenbosch ifuna uthuli uDaniel Akpeyi, waseNigeria, okumanje usemabhukwini eSwallows. Leli phephandaba lihoshe ukuthi ekuqaleni kwesonto eledlule, izikhulu zeStellies zithinte umphathi wezindaba zalo ngozinti, zimbuza ukuthi inkontileka yakhe imi kanjani kwiSwallows.

Kuthiwa isikhulu sikubeke kwacaca ukuthi bayamfuna. Kuvela nokuthi izikhulu zeqembu laseWestern Cape, kazibanga nenkinga ngemali efuniwe ngozinti.

Inkontileka yakhe kwiZinyoni iphela ekusongweni kwale sizini. Nokho inombandela wokuvuselelwa ngesizini eyodwa.

Ngemuva kokuthi unozinti echithwe yiKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini edlule, iStellenbosch ike yaba nentshisekelo yokufuna u-Akpeyi kodwa yabuye yazithela ngabandayo.

Elinye iqembu ajime nalo isikhathi eside ngaphambi kokuya kwiSwallows, yiSekhukhune United. IMaritzburg United ike yamfuna u-Akpeyi (36).

"Impela kunjalo izikhulu zeStellenbosch ziyamfuna u-Akpeyi. Ngenxa yokuba kubi kwesimo sezimali kwiSwallows angiboni eyivuselela inkontileka yakhe. IStellenbosch ithe idinga unozinti onesipiliyoni njengaye. Bheka nje iStellenbosch imfuna ekubeni emasontweni edlule imshiye elele, abadlali baso beshaya amagoli amathathu. Kusho ukuthi nakuba engenelwe yila magoli kukhona okuhle abakubona kuyena," kubeka umthombo.

Kuthintwa uMinenhle Mkhize ophethe izindaba zika-Akpeyi, ukuphikile ukuthi abeStellenbosch bamthintile ngalo mdlali.

"UDaniel ungunozinti weqophelo eliphezulu. Inqwaba yamaqembu eNingizimu Afrika ingathanda ukuba nonozinti weqophelo lakhe. Ngakho akwethusi ukuvela kwezindaba zokuthi kunamaqembu amfunayo. Asikuhloniphe ukuthi usenenkontileka neSwallows kuze kuphele isizini. Ugxile ekusindiseni iSwallows ezembeni. Ikusasa lakhe sizolidingida ekupheleni kwesizini," kubeka uMkhize.

URob Benadie oyisikhulu esiphezulu kwiStellenbosch, uthe indaba yokusayinisa abadlali bazoyibhunga ekupheleni kwesizini. Okwamanje balwela ukusonga iligi besendaweni enhle.

Njengamanje ezintini zeStellies kushintshisana uLee Langeveldt (36), noSaga Shane Stephens (32). KwiDStv Premiership leli qembu lingelesihlanu emaqenjini asengenelwe amagoli amaningi njengoba selivuzise awu-36.

Kulezi zinsuku kukhonya u-Akpeyi ezintini zeSwallows. Emidlalweni eyisithupha usengenelwe ngamagoli amahlanu. NgoMsombuluko wenze umsebenzi oncomekayo ezakhe zishaya iKaizer Chiefs ngo-2-1.