IMIBIKO evela eLondon ithi sekulindwe isitatimende seChelsea ukuqinisekisa uFrank Lampard njengebambamqeqeshi kuleli qembu elisanda kuxosha uGraham Potter Isithombe: TWITTER
IMIBIKO evela e-England ithi iChelsea izokwethula inkakha yayo uFrank Lampard, njengo mqeqeshi osabambile kuze kuphele isizini ka-2022/2023, emuva kokuxosha uGraham Potter ngenyanga edlule.
ULampard, oxoshwe kulesi sikhundla ngoJanuwari 2021 indawo yakhe yathathwa nguThomas Tuchel yena oshenxele uPotter, uzobhekana nejoka lokusebenzisa imidlalo eyisishiyagalolunye esele ukulwela ukungena kwi-Uefa.
Basele ngamaphuzu angu-14 esixhantini samaqembu amane aphezulu kwi-log nokuyindawo ye-Uefa Champions League.
Basekhona nokho embangweni wesicoco seChampions League sakule sizini yize kusinda kwehlela njengoba beqhathwe neReal Madrid kuma-quarterfinal.
ULampard unamagoli amaningi (211) kwiChelsea okwedlula izinsuku (206) ezihlalwe nguGraham Potter kwesokucija iPride of London.
Lezi zinombolo ziqinisekisa ukuthi uPotter usibamba yedwa isicoco sokuba ngumqeqeshi oshaye udaka ukubedlula nonke emlandweni weChelsea.
Akekho oseke wahlala isikhathi esincane ngaphansi kukaPotter, ekubeni sesivele side isikhathi abaqashi bakhe bembekezelele sekubona ngisho impumputhe ukuthi uyahluleka.
Ngokwesibili uLampard eqashwa kwiChelsea isesimeni esinzima kwazise okokuqala waphoqeleka ukuvundulula abadlali ezinkulisa zayo ngenxa yokuthi yayigwetshiwe ingakwazi ukusayinisa abadlali.