Ezemidlalo Ibhola

Ubhekene nenselelo yezindebe kwiBayern Munich

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI weBayern Munich, uThomas Tuchel, osanda kuthatha izintambo zokuqeqesha, ubhekene nenselelo yokukhipha amangwevu kuleli qembu elihlale liwola izicoco eGermany nelibhekiwe kwi-Uefa Champions League Isithombe: EPA

OMUNYE wabaqeqeshi abaya ngokuya bezakhela igama emiqhudelwaneni emikhuulu yebhola yase-Europe, uThomas Tuchel, akungatshazwa ukuthi kulindeleke lukhulu kuye njengoba esanda kuthatha izintambo kwiBayern Munich, ebalwa namaqembu enza kahle emiqhudelwani emikhulu yase-Europe okubalwa kuyo i-Uefa Champions League.

UTuchel (49), oseke waqeqesha emaqenjini okubalwa kuwo iParis Saint-German (PSG) yaseFrance, neChelsea yase-England, usanda kuthatha izintambo kwiMunich kulandela ukukhonjwa indlela kukaJulian Nagelsmann ngeledlule.

Phezu kokuba iMunich isenethuba lokunqoba isicoco seGerman Bundesliga njengoba kumanje ingemuva ngephuzu elilodwa kuphela kwiBorussia Dortmund okuyiyona esahlezi phezulu kwi-log yeBundesliga.

Kodwa abaphathi baleli qembu babone kufanele bamkhombe indlela umqeqeshi oneminyaka engu-35 (Nagelsmann), nokunguye obengumqeqeshi omncane kunabo bonke kwiBundesliga.

Nakuba uNagelsmann eyinqobele isicoco seBundesliga, iMunich ngesizini edlule, obekuyisizini yakhe yokuqala kuleli qembu. Ukungabi namava anele kwakhe kubukeka kuyikho okuholele ekutheni akhululwe kulandwe umqeqeshi onjengoTuchel osengumakadebona kwezokuqeqesha, ebholeni laseGermany.

IMunich esinqobe iligi amasizini ayishumi elandelana, iphakathi kwamaqembu abhekiwe kwiChampions League kule siznini njengoba isisesigabeni sama-quarterfinal salo mqhudelwano lapho izobhekana khona neManchester City kowomlenze wokuqala ngo-Ephreli 19.

Nakuba izinto zimphikile uTuchel kwiChelsea ngesizini yakhe yesibili, nokugcine ngokuthi akhonjwe indlela ngoSepthemba, kodwa amava akhe awakhombisile kusukela kwiPSG okubalwa nokunqoba iChampions League nayo iChelsea ngesizini ka-2020/21, kungenye yezinto ezimcubuzela amagabade kubaphathi beMunich.

UTuchel uzobe ehlezi okokuqala ebhentshini leMunich emdlalweni omqoka neDortmund obukeka ungase ucacise ngombango wesicoco seligi phakathi kwala maqembu, namuhla ngo-6.30 ntambama, e-Allian Arena, eMunchen.

UTuchel ozobe egabe ngoSadio Mane kulo mdlalo, kuthiwa wayevele ezifela ngaye kusukela esaqeqesha kwiPSG, nakuyo iChelsea kuthiwa ubemfuna lo mgadli.

UMane ojoyine leli qembu laseGermany ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiLiverpool lapho abenza khona ezibukwayo, akakafinyeleli kuleli zinga ebelilindelwe kuye kule sizini yakhe yokuqala.

Ukulimala kwakhe ngasekuqaleni kwesizini kube nomthelela ekulahlekelweni kwakhe yifomu abeqale ngayo isizini eshaya amagoli ayisikhombisa kuyo yonke imiqhudelwano.

Imidlalo yeGerman Bundesliga:

Namuhla ngo-5.30pm:

Schalke v Leverkusen; Union Berlin v VfB Stuttgart; Wolfsburg v Augsburg; SC Frelburg v Hertha; RB Leipzig v Mainz

Ngo-6.30pm:

Bayern Munich v Borussia Dortmund

Kusasa ngo-3.30pm:

Koln v Monchengladbach

Ngo-5.30pm:

Werder v Hoffenheim