DAVID NOTOANE
UBALULE izingqinamba abhekane nazo eqenjini lesizwe lika-Under 23 obengumqeqeshi uDavid Notoane esula esikhundleni.
UNotoane, odalule ukuthi ubengenayo inkontileka nabaqashi bakhe iSouth African Football Association (Safa), umemezele ukuthi uyasishiya isikhundla sokuqeqesha iqembu lesizwe ohlelweni lwezemidlalo iMarawa Sports Worldwide ngoLwesithathu ebusuku.
Lokhu kwenzeke kusadlule usuku ehluleke wukufaka iNingizimu Afrika emqhudelwaneni i-Under 23 Africa Cup of Nations oyibhuloho lokuwelela kuma-Olympics azoba seFrance ngonyaka ozayo.
UNotoane uvumile ukuthi wehlulekile njengomqeqeshi emsebenzini abekade enikezwe wona. Emidlalweni yakamuva eyisishiyagalolunye, akawinanga nowokubika. Udlale ngokulingana kwemine, wahlulwa kweyisihlanu.
"Nakuba zikhona izizathu eziholele ekutheni sihluleke ukuzibekisela indawo kodwa sezizofana nezaba manje. Iqembu lesizwe lika-Under 23 libe nezinkinga eziningi ngaphandle kwenkundla ngesikhathi sidlala eyokuhlunga.
“Ngokwami zintathu izinto ezisibeke lapho esikhona manje engikholwa wukuthi ziyisifundo esisifundile.
"Lesi sizukulwane sabadlali silahlekelwe wukudlala ku-Under 17 naku-U/20 e-Afrika ukuze sithole isipiliyoni. Asikutholanga ukwesekwa ngesikhathi siqala le ndlela.
“Isibonelo nje ukuxhumana sekuhambe isikhathi namaqembu ePSL ukuze eseke iqembu lika-Under 23 engingakholwa namanje ukuthi kwenziwa nePSL, " kusho uNotoane emsakazwen
Okunye okuphawulwe nguNotoane kuhambisana nezikhalo zomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, okhale ngokungadlali kwamaqembu esizwe abadlali abasakhula ekubeni kuyiwona aphakela iqembu lakhe.
"Isidingo sokulandelela abadlali abadlala phesheya sishaywe indiva. Sigqamile isidingo sokudlala njalo kwamaqembu esizwe abasakhula. I-Under 23 iyibhuloho lokuwelela kwiBafana Bafana kodwa iphathwa njengenkulisa.
Leli qembu lidinga ukuphathwa kangcono. Uma kungenjalo, iBafana izozithola ithembela kubadlali abanesipiliyoni sokudlala phesheya noma kwiPSL. Kufanele ilunge indlela kwenzelwe impumelelo yangomuso yeBafana,"kubeka lo mqeqeshi.
UNotoane ugcizelele ukuthi usezobuyela ngokugcwele ezinhlakeni zeMamelodi Sundowns.
Related Topics: