ULEBOGANG Ramalepe, isethenjwa sesitobha seBanyana Banyana, ngomunye wabadlali umqeqeshi wabo, uDesiree Ellis acacisa ngokusala kwabo esikwatini esiya kwiTurkish Women’s Cup Isithombe: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weBanyana Banyana, uDesiree Ellis ucacisa ngokushiya ezinye zezilomo zabadlali esikwatini sabangu-26 asethule ngoMsombuluko, aya naso kwiTurkish Women’s Cup ngelizayo.
Kusale abadlali abebekhona iBanyana inqoba i-2022 Caf Women’s Africa Cup of Nations (Awcon) okunguLebo Ramalepe noNomvula Kgoale.
URamalepe akanalo iqembu ngemuva kokuhlukana nelaseBelarus, iDinamo Minsk. UKgoale usanda kusayina kwiTS Galaxy Queens.
“UNomvula noKholosa (Biyana) kabaqokwangwa eqenjini elidlule ngenxa yokuthi babengenawo amakilabhu ngaleso sikhathi,” kusho u-Ellis.
"UKgoale uselitholile iqembu kodwa yinto esanda kwenzeka, futhi akadlalanga nangempelasonto. UKholosa usesayine kwi-UWC. Abanye abadlali ngibatshelile ukuthi uma bethola amaqembu bazophinde babhekwe.
"Uma ungenalo iqembu kusho ukuthi awudlali. Uma sikukhetha singathi sikuthathela kuphi lokho? Ngabe yimuphi umyalezo esiwuthumela kubadlali abadlala njalo emaqenjini abo?"
UThembi Kgatlana usanda kujoyina iqembu lakhe lase-United States, iRacing Louisville njengoba sekusondele ukuthi aphothule izinhlelo zakhe zokululama.
Lo mgadli ulimale umsipha ongenhla kwesithende kwi-Awcon, kodwa isimo sakhe sesiyathembisa njengoba esekwazi nokugijima.
Yize engakakulungeli ukubuyela eqenjini lesizwe kodwa u-Ellis ujabulile ngendlela aseyihambile. Lo mqeqeshi ukholelwa ekutheni abadlali abakhona sebezibonakalisile ukuthi bangawenza umsebenzi.
"Ngicabanga ukuthi ngesikhathi se-Awcon sakhombisa ukuthi kasilona iqembu elithembele kumuntu oyedwa. Ukubambisana siyiqembu kubaluleke kakhulu kithi," kusho u-Ellis.
"Uma ebuya uThembi kusobala ukuthi iqembu lizokhuphuka kodwa asithembele kumuntu oyedwa, ukuthi asitholele imiphumela emihle. Ngicabanga ukuthi abanye abadlali esinabo bazibonakalise ngokwanele."
Umqhudelwano waseTurkey kumele uqale ngoLwesithathu, kodwa kubanjwe umoya ngawo ngenxa yokuzamazama komhlaba osekudlule nemiphefumulo engaphezu kuka-5000 eTurkey naseSyria.
Related Topics: