Ezemidlalo Ibhola

Abe-English Premier League badlale imizuzu eminingi eQatar

Intatheli YeSolezwe|Published

U-EMILIANO Martinez ovimbela i-Aston Villa kwi-English Premier League, uyena ozihole phambili ngokudlala imizuzu eminingi koweNdebe yoMhlaba ebiseQatar, njengoba lapha ebonakala evimba ibhola likaRandal Kolo Muani weFrance kowamanqamu ngeSonto, eLusail Stadium Isithombe: EPA

ABADLALI bamaqembu agijima kwiligi yase-England, iPremier League, yibona abadlale imizuzu eminingi kunabo bonke eNdebeni yoMhlaba esanda kusongwa eQatar.

Isicoco sithathwe yi-Argentina, edle ompetha bango-2018, iFrance, ngo-4-2 sekukhahlelwa amaphenathi eLusail Stadium, eDoha, ngeSonto.

Umdlalo ubuphele la maqembu ebambene ngo-2-2 ngemuva kwemizuzu engu-90, kwase kuba ngu-3-3 ngemuva kwesikhathi esengeziwe.

Ngokocwaningo olwenziwe yi-website iSportsLens.com, abadlali bePremier League badlale imizuzu engu-30 358 eQatar.

I-La Liga isendaweni yesibili kodwa isele kakhulu njengoba abadlali abaqhamuka kule ligi yaseSpain, bedlale imizuzu engu-16 465.

IBundesliga yaseGermany ilale isithathu ngemizuzu engu-12 805, yalandelwa yiSerie A yase-Italy ngengu-12 304 neLigue 1 yaseFrance ngengu-10 138.

Iligi yaseSaudi Arabia, i-Saudi Pro League, iyona ehlukanise amaligi ase-Europe kulolu luhlu ngokungena endaweni yesithupha ngemizuzu engu-5 099.

Iligi yasekhaya, iQatar Stars League, nayo ingenile kwiTop 10 njengoba izibeke ndaweni yesishiyagalolunye ohlwini ngemizuzu engu-3 484.

AMALIGI ekleliswe ngokwamaminithi adlalwe ngabadlali eNdebeni yoMhlaba eQatar Isithombe: Sports Lens

Unozinti we-Aston Villa ne-Argentina, u-Emiliano Martinez, udlale imizuzu engu-692 kulo mqhudelwano, injini yeChelsea neCroatia, uMatteo Kovacic, wadlala engu-639, kwathi uzakwabo kuleli qembu lase-England, obemele iMorocco, uHakim Ziyech, wadlala engu-638

Ngokwamaqembu, iManchester City iyona eziholayo njengoba abadlali bayo bephambili ohlwini lwamakilabhu ngemizuzu engu-4 624, ilandelwe yiBarcelona ngemizuzu engu-4 286.

Le miphumela ayithusanga njengoba iPremier League ibimelwe ngabadlali abaningi kunabo bonke (136), ilandelwe yiLa Liga (83) neBundesliga (75)

I-Barcelona ibihamba phambili ngesibalo sabadlali ngemuva kokuthumela abangu-17 eNdebeni yoMhlaba, ilandelwe yiManchester City neBayern Munich, abebenabadlali abangu-15 eQatar.

AMAQEMBU ekleliswe ngokwamaminithi adlalwe ngabadlali eNdebeni yoMhlaba eQatar Isithombe: Sports Lens