Ezemidlalo Ibhola

UNtuli ufuna amaSalga abuyele ekukhiqizeni izilomo zabadlali

Sithembiso Mkhize|Published

ISILOMO nokaputeni weqembu lesizwe lenetball laseNingizimu Afrika, uBongiwe Msomi, ngomunye wabadlali okuchoma ngabo iSalga Games ethi badlule ezandleni zayo Isithombe: BACKPAGEPIX

USIHLALO weSouth African Local Government Association (Salga), KwaZulu-Natal, uThami Ntuli, uzimisele ngokuthi kuphele ihlandla lakhe lesi sifundazwe sesikhiqize inqwaba yabadlali abazomela elakuleli emiqhudelwaneni yomhlaba efana nama-Olympic Games.

NgoDisemba 8-11 le midlalo ezoqoka ompetha besifundazwe, izosingathwa yisifunda Amajuba.

Imidlalo izoba seNewcastle, eDannhauser naseMadlankala. Zingu-20 izinhlobo zemidlalo okuzoqhudelwana kuzo.

UNtuli ophinde abe yimeya yasesifundeni iKing Cetshwayo, uveze ukuthi nakuba bekhona abadlali asebakhiqizwa yile midlalo, asebedlale emazingeni aphezulu kodwa akwenele.

“Isifiso sami wukuthi ngamaSalga Games sikhiqize inqwaba yabadlali abazosimela emiqhudelwanweni efana namaCommonwealth Games, Olympics, World Athletics Championships nakweminye imiqhudelwano ehlonishwayo yomhlaba,” kusho uNtuli, isifunda sakhe iKing Cetshwayo esayalala isibili amaSalga Games egcina ukuba khona ngo-2019. Kuhlale kukhonya iTheku..

“Ngifuna emidlalweni elandelayo yeNdebe yoMhlaba yenetball, unobhutshuzwayo, ibhola lo mbhoxo, ikhilikithi, volleyball, karate nezinye izinhlobo zemidlalo sibe nabadlali abakhiqizwe ngamaSalga Games.

“Isifiso sami ukubona ompetha bamabhokisa abazophuma kule midlalo.

“Yingakho kulo nyaka senze isiqiniseko sokuthi sifaka izinhlobo zemidlalo ezizongenelwa yizo zonke izinhlanga ezisesifundazweni sethu.

“Enye inhloso ngale midlalo ukuhlanganisa izinhlanga."

Phakathi kwabadlali bezinhlobo ezahlukene abakhiqizwe ngamaSalga Games, kubalwa uBongumusa Mthembu, Siyabonga Sangweni, Siyabonga Nkosi, Amanda Dlamini, Bongiwe Msomi noVeronica Phewa ukusho abambalwa.

UNtuli uveze ukuthi nakuba omasipala basekhaya bethola imali encane esabelweni mali kodwa KwaZulu-Natal benza ngakho konke okusemandleni ukuthuthukisa ingqalasizinda.

“Empeleni besinenkomfa lapho sibonisane ngokuthi omasipala basekhaya kwaZulu-Natal benze isiqiniseko sokwakha ingqalasizinda futhi benza isiqiniseko sokuthi iyanakekelwa,” kubeka uNtuli.

“Omasipala basekhaya bathola u-9% kuphela bese kuthi lezi ezinye ezimbili izinhlaka zikahulumeni zithole u-91%.

Kulo nyaka izindawo ezifana neNewcastle, Dannhauser naseMandlakala ezizolekelelana neMajuba ukusingatha amaSalga Games sizazisile ngengqilasizinda okumele ziyilungise.“