ULIONEL Messi oyisihlabani somdlali wase-Argentina okuzobhekwa ukululama kwakhe njengoba sekusele amasonto kuyiwe kwiNdebe yoMhlaba eqala eQatar kule nyanga Isithombe: EPA
KUNGENZEKA yini ukuthi idili likanobhutshuzwayo eliqala ezinsukwini ezingaphansi kwezingu-20 eQatar, liqhubeke ngaphandle komunye wabadlali othathwa njengongcono cishe kunabo bonke abake bangena enkundleni, uLionel Messi, wase-Argentina?
Indaba iqale ngoLwesithathu oludlule lapho uMessi ezicelele khona ukukhishwa sekusele imizuzu engu-10 ukuthi uphele umdlalo wamaqoqo we-UEFA Champions League weqembu lakhe laseFrance, i-PSG ebidlala neBenfica yasePortugal.
Lokhu kulandelwe isitatimende esikhishwe i-Paris Saint Germain (PSG) iqinisekisa ukuthi lesi silomo nesithenjwa se-Argentina ngeke sibekhona koweligi neRemis obungoMgqibelo.
Kulesi sitatimende kuthiwe uMessi uzwa ubuhlungu emsipheni ohlanganisa isithende nesihluzu kodwa uzoqala ukuziqeqesha njengoba kuqala isonto.
Yize isitatimende sikhuluma kanje kodwa sekunongabazane ngokubakhona kukaMessi kwiNdebe yoMhlaba ababoshelwe kuyona ku-Group C neSaudi Arabia, Mexico nePoland.
Akuyena yedwa uMessi okubanjwe umoya ngayekwi-Argentina kepha noPaulo Dybala we-AS Roma yase-Italy, isimo esifanayo kodwa kuyena kubukeka kunzima kakhulu ukuthi abe esefithi ngokuqala kwalo mqhudelwano eselidumela emasumpeni ngawo.
INdebe yoMhlaba izoqala ngoNovemba 20, iphele ngoDisemba 18.
NeMexico eseqoqweni elifanayo iya eQatar ngaphandle komgadli wabo oqavile (uRaul Giminez odlalela iWolverhampton Wanderers yase-England)
Baningi abanye abadlali abamqoka okubanjwe umoya ngabo kwazise balimale sekusele isikhathi esincane ukuthi amaqembu esizwe amemezele izikwati zawo.
Kwi-England, eku-Group B ne-United States of America (USA), Wales ne-Iran, izinkinga ziningi ngoba uReece James, Ben Chilwell noKyle Walker kusabanjwa kuyekwa kwazise nabo balimele. Kulona leli qoqo kubanjwe umoya kwiWales ngokululama kwezithenjwa ezingoGareth Bale no-Aaron Ramsey.
Yize uJames weChelsea futhi omqoka kwi-England ekhombisa izimpawu zokubambelela ethembeni (ngenxa yezinto aziphanyeka emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana), kuChilwell kumnyama ngoba sekushiwo ukuthi useyoze alulame ngonyaka ozayo.
Omunye umdlali omqoka kwiChelsea osekuqinisekisiwe ukuthi akayi kwiNdebe yoMhlaba uN’golo Kante weFrance evikela isicoco.
IFrance eqhathwe neDenmark, Australia neTunisia ku-Group D. UPaul Pogba yena sekushiwo ukuthi uzomphutha umqhudelwano kanti kubanjwe umonya ngoRaphael Verane.
NoWesley Fofana, Jules Kounde, Lucas Hernandes noBoubacar Kamara nabo banokuthinteka.
Kuningi okungajwayelekile ngale Ndebe yoMhlaba kusukela ezinyangeni ezodlalwa ngazo kuya ekutheni kunezilomo zomhlaba ezingalimele kodwa ezingeke zibekhona ngoba amazwe azo awazange aphumelele ukuzibekisela indawo.
Kulezi zihlabani singabala u-Erling Haaland (Norway), Mohamed Salah (Egypt), Luis Diaz (Colombia), David Alaba (Austria), Frank Kessi (Ivory Coast) noVictor Osimhen waseNigeria ukubala abambalwa.
Related Topics: