U-ERIC Tinkler umqeqeshi weCape Town City usabalisa ngamathuba okushaya amagoli abawalahlayo emidlalweni Isithombe: BACKPAGEPIX
UPHINDE wakhala ngenqwaba yamathuba abangawasebenzisanga umqeqeshi weCape Town City, uEric Tinkler, yize benqobe iChippa United ngo-2-1 emdlalweni weDStv Premiership obuseCape Town Stadium ngoLwesibili.
ICitizens ingene kulo mdlalo ingaphansi kwengcindezi ngemuva kokukhishwa yiPetro Luanda yase-Angola kweyokuhlungela iCaf Champions League, yaphinde yathelwa phansi yiRichards Bay kwiligi.
Yize beziwuphethe umdlalo ezikaTinkler kodwa zizithole sezilandela ngemuva ngesikhathi uRonaldo Maarman eshayela iChilli Boys igoli esiwombeni sokuqala.
Nokho kugcine kulungile, uKhanyisa Mayo evalela elokulinganisa ngomzuzu ka-72, ngaphambi kokuthi uThamsanqa Mkhize ashaye elokunqoba umdlalo sekusele imizuzu engu-10.
“Ngicabanga ukuthi belilodwa kuphela iqembu ebelizimisele ngokudlala kulo mdlalo. Ngibale amathuba amane emizuzwini eyisikhombisa yokuqala. Ngithe ngibheka iwashi lami langitshela ukuthi sekudlalwe ngaphezudlwana kwemizuzu eyisikhombisa kodwa besesishwebe amathuba amane acacile,” kukhala uTinkler ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Bengicabanga ukuthi kuzosiphinda futhi lokho okusehlele emidlalweni edlule. Kule sizini inkinga yethu enkulu ukuhluleka ukubeka ibhola enethini. Ngeke usole umdlali othile ngoba amathuba avela yonke indawo kodwa ibhola lingangeni.
“Abadlali badlale ngendlela efanele futhi besikhulumile ngokufaka iChippa ngaphansi kwengcindezi zibekwa. Sakhe inqwaba yamathuba sabe sesidedela igoli futhi ngababona abadlali bami bedikibala.
"Umlayezo engiwudlulise ngesikhathi sekhefu ukuthi siqhubeke nokukholwa, senza nezinguquko ukuze sifake abadlali abanomfutho. Sikwazile ukuthola igoli lokulinganisa nelokuwina futhi bekufanele sinqobe."
Lo mphumela unyuse iCity yahlala endaweni ka-10 kwi-log ngamaphuzu angu-13 emidlalweni engu-11.
"Umhlaziyi wami usanda kungitshela ngemuva komdlalo ukuthi kulesi sigaba ngesizini edlule besinephuzu elilodwa kuphela ngaphezulu kwalawa esinawo manje. Lokho akusho lutho kimina ngoba angiphili ngezibalo. Iqiniso ukuthi ibinkulu ingcindezi eqenjini futhi kakhulu ngabafana bami ngoba baphendule ngendlela efanele,” usho kanje.
“Singabaqeqeshi sahlulelwa ngokuthi abadlali basaseseka yini noma cha. Angikaboni lutho oluthi abadlali abasekho ngakimi. Ngisho ngemuva kokuhlulwa yiRichards Bay bekusavunguza umoya wethemba ngaphakathi eqenjini.
"Ngiyaziqhenya ngabo ngokukholelwa ekutheni lokhu esikwenzayo kulungile futhi ngiyethemba ukuthi sizokwazi ukukhuphukela kwelinye izinga."
Umdlalo olandelayo weCitizens kuzoba oweligi ezowudlala neMarumo Gallants ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ngo-5:30 ntambama.
Related Topics: