Ezemidlalo Ibhola

OweLindelani usalindele okungcono koweSasol

Xolile Mpisane|Published

UZETHEMBISO Vilakazi, umdlali weLindelani Ladies, amukela isheke lokuba umdlali ovelele kumqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, ngemuva kokuthi ezakhe zibhuquzise iRoyal Wizards emdlalweni wamaqoqo weSasol League National Championship, e-Old Peter Mokaba Stadium Isithombe: BACKPAGEPIX

USALINDELE ukuthi iqembu lakhe lilikhuphule igiya emidlalweni elandelayo umqeqeshi weLindelani Ladies, uNkosinathi Vilakazi, yize ezakhe zivule kahle kwiSasol League National Championships, izolo.

ILindelani iqoqe amaphuzu amathathu emdlalweni wokuqala eqoqweni uGroup C ngokuthela phansi iRoyal Wizards yaseNorthern Cape ngo-6-0 e-Old Peter Mokaba Stadium.

Amagoli amathathu ahlohlwe uZethembiso Vilakazi, uMandisa Faya wavalela amabili, elinye lashaywa uLindela Gumede.

"Bekuwumdlalo omuhle kodwa ekuqaleni besinovalo kancane. Sidlalile kulo mqhudelwano ngesizini edlule, manje sizama ukulungisa amaphutha ethu,” kusho uVilakazi.

“Besingazi ukuthi izimbangi zethu zizodlala kanjani ngakho-ke sike saba ngaphansi kwengcindezi ngasekuqaleni komdlalo. Umdlalo ofana nalona uzosibeka emzileni ofanele kulo mqhudelwano. Ngikholwa wukuthi sesizozinza kahle bese siyaqala ukudlala ngendlela esiyijwayele.

"Siyajabula ngokuthi sikwazile ukuwina nokushaya amagoli amaningi kodwa ngikholwa wukuthi umdlalo olandelayo uzohluka kulona wokuqala."

EzikaVilakazi zizodlala owokugcina wamaqoqo neqembu elimele iNorth West, iNWU Tawana, kusasa ngo-12:30 emini.

Amaqembu azoqhwakela eqoqweni ngalinye azodlulela kweyandulela owamanqamu ehambisana nelilodwa elizolala isibili ngamaphuzu angaphezu kwamanye.

Amabili azobanga isicoco azophinde akhushulelwe kwiHollywoodbets Super League. Ngesizini edlule, kwanyuka iCity Lads yase-Eastern Cape nompetha, iVasco da Gama, yaseWestern Cape.

Mabili amaqembu azinze esifundeni iKwaZulu-Natal agijima kwiligi ephezulu ebholeni labesifazane kuleli, iDurban Ladies neBloemfontein Celtic esithengwe yiRoyal AM.

Kweminye imidlalo yayizolo kwiSasol National League Championships, iDangerous Heroes Ladies yaseWestern Cape neTS Galaxy yaseMpumalanga babambane ngo-2-2 kuGroup A.