Ezemidlalo Ibhola

U-100 udle u-100 iChelsea ixosha uTuchel

Malibongwe|Published

UYIGUBHE ngosizin imidlalo engu-100 uThomas Tuchel iChelseea imuphosa kwahhele

UBUHOLI obusha beChelsea obuholwa nguTodd Boehly buzogubha izinsuku ezingu-100 buthathe iqembu, buthungathi umqeqeshi omusha emuva kokukhomba indlela oqale nalo isizini, uThomas Tuchel ngemuva komdlalo wakhe wesi-100 eseqenjini laseLondon.

UBEJABULELA imidlalo engu-100 kodwa owokugcina wamlethela usizo exoshwa kwiChelsea uThomas Tuchel

UTuchel uveze kweminye imithombo ukuthi lungene seluyisikhahlamezi ucingo obeluvela kumqashi wakhe omusha lumxosha ngoLwesibili ebusuku eqeda kwehlulwa kowokuqala weqoqo-E le-Uefa Champions League ka-2022/2023.

EzikaTuchel ziguqe ngo 1-0 kwiDinamo Zagreb yaseCroatia ebidlala ekhaya.

Lowo bekungumdlalo ka-100 kaTuchel, odabuka eGermany nofike eLondon ngoJanuwari 2021 ethatha amatomu enkakheni yeqembu, uFrank Lampard.

U 1-0 neChampions League kuTuchel kwiChelsea yisibalo samagoli esizohlezi sinomlando kwazise ngoMeyi 2021 unqobe lo mqhudelwano ngawo u 1-0 ehlula iManchester City.

Wengeze lapho ngeSuper Cup neClub World kwaze kwelulwa yabekwa ku-2024.

UTuchel ubengumqeqeshi wokugcina ukuqashwa nguRoman Abramovich, obengumnikazi weqembu ngaphambi kokuphoqeleka ukulidayisela uBoehly ngenxa yezibhelu zezwe lake, iRussia ne-Ukraine.

Ubungani bakhe nomengameli waseRussia, uVladimir Putin, yibo obumdonsele amanzi ngomsele ukuba azithole esecindezwa ukudayisa iChelsea.

UBoehly ufike waqhubeka lapho kugcine khona u-Abramovich ethengela uTuchel inqwaba yabadlali.

Ukuphikwa yimiphumela kwenze uTuchel wanqunywa ngemuva kwemidlalo eyisithupha yePremier league nowodwa weChampions League.

Kweyeligi unqobe kathathu, wahlulwa kwemibili ilandelana wabe esecaza amaphhuzu kowodwa.

Uvalelise ngenduku yaseCroatia.