UDYLAN Kerr umqeqeshi weSwallows usale ekhalela ukuswenka kwakhe babelana ngephuzu neMarumo Gallants emdlalweni weDStv Premiership obungeSonto ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane Isithombe: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weSwallows FC, uDylan Kerr, usole umgadli wakhe waseZambia, uMwape Musonda, “ngokuzama ukumxoshisa” emsebenzini kulandela ukucazelana kwabo ngamaphuzu neMarumo Gallants emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto, ePeter Mokaba Stadium.
UKerr ubebonakala okokuqala ebhentshini leSwallows kule sizini kulandela ukudonsa kwesikhathi obekulindelwe ukuthi amaphepha amgunyaza ukuba asebenze kuleli azobe eselungile ngaso. Usale ephoxekile ngemuva kwalo mdlalo ophele ngo 1-1.
ISwallows ephunyuke ngembobo yenaliti ekugencweni izembe ngesizini edlule isinqobe imidlalo emibili, yacazelana ngamaphuzu kwemibili yaphinde yashaywa imidlalo emibili kweyayo yokuqala eyisithupha yale sizini.
NgokukaKerr, iSwallows kufanele ngabe ibalwa namaqembu aphezulu kodwa kunomkhuba ohlasele athe naye akazi ukuthi uzowugwema kanjani.
“Indlela abadlali bami abavutha ngayo ejimini ungaze ubone singekho isidingo sokubaqeqesha kodwa uma sekufike umdlalo, abagadli aziwayo amagalelo abo kule ligi bavele bakwenzele phansi,” kusho uKerr kwiSolezwe.
Lo mqeqeshi uphume iqhubu noMusonda oyeke ithuba elilula ebelizowinisa iSwallows ngemizuzu yokugcina futhi akazange aphike ukuthi unengekile ngabathile ngoba ngabe iSwallows ikude kunalapho ikhona.
“Ngiphoxekile ngabadlali engithembele kubona ngendlela abaziphathe ngayo kulo mdlalo wangempelasonto ikakhulukazi ngethuba eliyekwe uMusonda ngoba kungaba ilona eliphakathi kokuthi ngiyawugcina umsebenzi wami noma cha. Usuke ekuxoshisa umgadli uma eyeka ithuba elilula ngale ndlela uMusonda aliyeke ngayo leli alitholile.
“Angazi noma ukubukwa abantu okwenza kuthombe okhiye uma sesisemdlalweni ngoba ejimini asikho ngempela isidingo sokubatshela okuningi ngoba bazenzela bona,” kuqhuba uKerr.
Yize azi ukuthi kukhona abazombuka njengohlanya kodwa uyakholelwa ekutheni alikho iqembu elinethuba ukudlula elinye ukudla isicoco kule sizini.
“Ngiphoxeke sengigqoke ngaconsa ngoba ngizitshela ukuthi nabadlali bazobona ukuthi ngibuye noshintsho kodwa kwabheda kunjalo.
“Le ligi ingadliwa inoma ubani kule sizini ngoba uma ubheka kahle, alikho igebe phakathi kwamaqembu okuhlanganisa nalawa athathwa njengamakhulu.
“NeSwallows inethuba elifanayo kodwa uma abadlali abayizithenjwa bevele benze into ongayazi, lokhu kungagcina kuyiphupho nje, ngixoshwe mina,” kubalisa yena.
Related Topics: