Ezemidlalo Ibhola

I-CAS izihlangulile kolweRoyal AM

Intatheli Yezemidlalo|Published

U-ANDILE Mpisane nonina uShauwn Mkhize abangabanikazi beRoyal AM Isithombe: BACKPAGEPIX

INKANTOLO ebhekele ezemidlalo emhlabeni, iCourt of Arbitration for Sport, isikhiphile ngoLwesithathu isinqumo ngesikhalazo esafakwa yiRoyal AM mayelana nomphumela wesizini ka-2020/2021 weGlad Africa Championship.

IRoyal AM yayiqhwakele kwi-log ngesikhathi kusongwa isizini, kodwa ngokuhamba kwesikhathi yakhishwa yiSekhukhune United esicongweni.

Leli qembu laseLimpopo lagixatshezwa ngamaphuzu amathathu ngemuva kokuthi iPolokwane City ihlulekile ukufaka abadlali abanele abaneminyaka engaphansi kuka-23 ngesikhathi la maqembu ebhekene koweligi.

IBabina Noko yabe isikhushulelwa kwiDStv Premiership, iRoyal AM kwadingeka ukuthi iyodlala kweyokuhlungela ukukhushulelwa esigabeni esikhulu, kodwa kayizange ilubhade kuleyo midlalo.

NgoSepthemba nyakenye iThwihli Thwahla ifake isikhalazo kwiCAS, okuyinkantolo ezinze eSwitzerland evame ukuxazulula izindaba ezithinta ezemidlalo.

I-CAS inqume ukuthi kayinalo igunya lokubhekana nalolu daba futhi iyalele iRoyal AM ukuthi ikhokhele izindleko zokuqulwa kwecala futhi ikhokhele iPremier Soccer League (PSL) neSekhukhune United isamba sikaR63 625 umuntu ngamunye ukuze bakwazi ukubhekana nezindleko zabameli.

IRoyal AM igcine ingenile kwiDStv Premiership ekuqaleni kwesizini ka-2021/2022 ngokuthenga igunya leBloemfontein Celtic lokudlala esigabeni esikhulu.

Isizini yabo yokuqala esigabeni esiphezulu isahamba kahle njengoba besendaweni yesibili ngamaphuzu angama-44 emidlalweni engu-25. ISekhukhune ilele endaweni yeshumi ngamaphuzu angu-30 emidlalweni elinganayo.