U-IRVIN Khoza usihlalo wePSL ngesikhathi eqinisekisa ukubuya kwabalandeli ezinkundleni esithangamini sabezindaba ngoLwesibili Isithombe: BACKPAGEPIX
ABALANDELI nabathandi bebhola kuleli, bazoqala ukuvunyelwa emidlalweni yePremier Soccer League (PSL) ngemidlalo yama-quarterfinal eNedbank Cup, ezoba ngo-Ephreli 8 no-9.
Lokhu kumenyezelwe ngoLwesibili ntambama wusihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, kwisithangami sabezindaba ebesiseGoli.
Ngaphambi kwalokho, isigungu esiphezulu sePSL sibe nomhlangano oqale ngoMsombuluko, lapho bekucutshungulwa yonke imigomo emisha emenyezelwe wuhulumeni ngesonto eledlule, elwa nokuhlasela kweCovid-19 ezweni.
Ngesikhathi eyimemezela le migomo, uMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, uthe izinkundla zezemidlalo sezingamukela u-50% womthamo wabalandeli.
“Abalandeli bazoqala ukuvunyelwa ngomhlaka-8 no-9 kuma-quarterfinal eNedbank Cup. Bekuzoba nzima ukuthi siqale ngemidlalo yale mpelasonto njengoba leyo midlalo ibisivele ibekwe ezigabeni ezithile ezihambisana nezokuphepha,” kusho uKhoza.
Uqhube wathi, “Ngiyakugcizelela ukuthi abalandeli kumele kube ngabagomile futhi baphathe izitifiketi zabo nomazisi (uma sebeya ezinkundleni). Uma kungenjalo, akube ngumuntu onobufakazi bokuthi ugome esikhathini esingaphansi kwamahora angu-72.”
Ube esenxusa uMnyango wezeMidlalo ukuthi uzame ukubeka izindawo zokugoma eduzane nezinkundla ukwenzela ukuthi bangahlupheki labo abanesifiso sokugoma.