USIVIWE Mpengesi usihlalo weChippa United edlala kwiDStv Premiership okuke kwaba nemibiko yokuthi uzimisele ngokungenela ukhetho lobuholi kwiSafa Isithombe: BACKPAGEPIX
SISHAYWE ivoti isiphakamiso sokuthi abaphathi bamaqembu ePremier Soccer League (PSL) bangakwazi ukungenela ukhetho lokuba umengameli weSouth Africa Football Association (Safa).
Lokho kwenzeke emhlanganweni weSafa obungempelasonto eSandton, eGoli, lapho bekuzohlahlwa khona indlela ngokhetho lweSafa oluzobakhona ngasekupheleni kwenyanga.
Ukuchithwa kwalesi siphakamiso kumkhahlele ngaphandle uSiviwe “Chippa” Mpengesi ongusihlalo weChippa United, obekulokhu kuputshuke njalo ukuthi uzimisele ngokubangisa uDanny Jordaan kulesi sikhundla.
Nakuba engakaze alibeke ngembaba elokuthi uyasifuna isikhundla uMpengesi kodwa ukhona ezweni umuzwa wokomela ushintsho kwiSafa. Kuwona lo mhlangano, kuphinde kwaqinisekiswa ukuthi umthetho ovimba usihlalo wePSL ukuthi abangise uJordaan, usamile.
Imibiko yamaphephandaba angempelasonto iveze ukuthi nakuba zikhona izifunda ebezivotele ukuba lo mthetho ovimba usihlalo wePSL ukuthi ushintshwe, uPoobie Govindasamy wophiko lwezomthetho kwiSafa uthe, bahlulwe ngesibalo esikhulu samavoti.
Yize imithetho yeCaf neFifa ikhomba ukuthi kungumsebenzi womhlangano wokuqoka umengameli ukukhetha amaphini akhe, kodwa kulokhu kushaywe umthetho wokuthi amalungu asesigungwini esiphezulu yeSafa nawo angawavotela (amaphini).
“Ube ingqophamlando lo mhlangano ngoba kuwona kuthathwe izinqumo ezimqoka zokuchibiyela uMthethosisekelo okuyinto esayiqala ngo-2018.
“Izinqumo ezithathiwe yizona ezizobe zihola usoseshini eminyakeni engu-10 ezayo ngakho-ke kufanele kujatshulwe.
“Okube kuhle kakhulu ukuthi kwenzeke konke phambi kukaNgqongqoshe wezeMidlalo (uNathi Mthethwa), osekucacise kaningi ukuthi uzimisele ngokusebenzisana neSafa futhi le nhlangano uyibona njengenye ezihamba phambili ekuphathweni kwezemidlalo eNingizimu Afrika,” kusho uGovindasamy kwiSunday World.