Ezemidlalo Ibhola

OlweChiefs lungase luqhathe iPSL neFifa

Malibongwe|Published

IZAZIMTHETHO zixwayisa iPSL ngokuziqhatha neFifa neSafa ngokudlulisela enkantolo ezimele udaba lweKaizer Chiefs evunwe ngumahluleli, ethi ayivunyelwe iyidlale imidlalo neCT City neGolden Arrows yangoDisemba Isithombe: BACKPAGEPIX

KUNGENZEKA inzukazikeyi yodaba lweKaizer Chiefs iphethe ngokuqhatha iPremier Soccer League (PSL) neFederation of International Football Association (Fifa).

Lokhu kuvele engxoxweni ekhethekile yeSolezwe ngoMgqibelo noqweqwe lommeli oyisazimthetho ekuphathweni kwebhola, u-Aswhin Trikamjee, ngemuva kokuvela kwemibiko ethi isigungu esiphezulu sePSL sivumelane ngokuthi isinqumo sikamehluleli sidluliselwe enkantolo.

Lokhu kuqinisekiswe yisitatimende seChiefs esikwi-website yayo ngoLwesithathu ebusuku lapho izwakalise khona “ukuthuka” kwayo ngalezi zindaba.

Umahluleli, uNazeer Cassim SC, ngoLwesihlanu olwedlule uyikhiphe phambili iChiefs efuna ukuvunyelwa ukudlala neCape Town City neLamontville Golden Arrows, eyagoloza ukudlala nabo ngoDisemba, ikhala ngokuhlaselwa yisiqubu sesine se-corona virus, i-Omicron.

UTrikamjee uhambe emagameni esinye sezazimthetho ekuphathweni kwebhola, uRaymond Hack, otshele Isolezwe langoLwesihlanu ukuthi ingase izifake ehlazweni iPSL uma iludlulisela enkantolo lolu daba.

“Kumele ube nezizathu ezinqala ngempela ukudlulisela phambili isinqumo sikamehluleli. Ngikhuluma lapha ngento efana nokuthi usole umahluleli ngokungasebenzisi ngendlela imithetho noma ukuyiphendukezela nokunye okubucayi,” kusho uTrikamjee.

“Ngaphambi kokukhipha isinqumo, umahluleli uyazimema izinhlangothi ezibangayo, kuvunyelwane ngokuthi isinqumo sikamahluleli sizoba ngujuqu ozokwamukelwa nguwonkewonke.”

Axwayise ngakho kakhulu uTrikamjee ngumgomo weFifa ophikisa ukufakwa kwezindaba zebhola enkantolo.

“Okwesibili, okungenza ngingabaze ukuthi iPSL isingaludlulisela phambili lolu daba, wukuthi iyawuqonda umgomo weFifa ophikisa ukuthi izindaba zebhoa zifakwe enkantolo ezimele. Uma iPSL ingenza lokhu, ingabeka ikusasa lamaqembu engozini ngoba angazithola ephandle engasenayo iligi adlala ngaphansi kwayo. Kungaba kubi kakhulu,” kusho uTrikamjee.

Ukungasetshenziswa kwezinkantolo ukuqula amacala ebhola, yinto nayo iChiefs eyibalulayo esitatimendeni sayo.

Okuholele kulesi simo wukuthi iChiefs ihaqwa yiCovid19 ngoDisemba, yabhalela iPSL ithi icela ukuhlehlisa imidlalo yayo. I-PSL yayichitha iChiefs.

Iligi isongwa ngoMeyi 21.