KUTHIWA inqwaba yabadlali beKaizer Chiefs bebengenwe iCovid-19 nokwadala ukuthi leli qembu lingakwazi ukuya emidlalweni emibili yeDStv Premiership ngoDisemba Isithombe: BACKPAGEPIX
IKAIZER Chiefs izwakalise ukushaqeka ngemuva kokuthola ukuthi ikomiti elikhulu lePremier Soccer League (PSL) linqume ukuthi kubuyekezwe isinqumo somxazululi u-Adv Nazeer Cassim mayelana nemidlalo leli qembu elingayidlalnga ngenxa yokuhaqwa yi-Covid 19.
Amakhosi athweswa icala yiPSL ngemuva kokuthi engalubhadanga enkundleni ngesikhathi kufanele abhekane neCape Town City neLamontville Golden Arrows emidlalweni yeDStv Premiership ngoDisemba nyakenye ngenxa yokubheduka kweCovid-19 eqenjini lawo.
Leli qembu laseNaturena acela ukuthi iPSL iyihlehlise imidlalo yayo yeligi ngoDisemba ngoba ihlaselwe yi-Covid-19. Ngemuva kwesikhathi iPSL yathi iyasichitha isinqumo saMakhosi.
Yilapho ke iChiefs yanquma ukuluyisa kumehluleli udaba.
Ngesonto eledlule uCassim wakhipha isinqumo esivuna leli qembu laseSoweto wathi kufanele idlalwe le midlalo.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu ebusuku, iChiefs ithe isitholile ukuthi i-PSL Exco ihlose ukusiphikisa lesi sinqumo, nakuba ingakatholi lutho oluvela kwiPSL.
“IKaizer Chiefs ishaqekile futhi iphithene ikhanda ngezindaba esanda kuzithola,” kusho isitatimende esikhishwe yiChiefs.
“Nakuba singakabikwela ngokusemthethweni, okuyinto umuntu angayilindela, iqembu lazisiwe ngesinqumo sekomiti eliphezulu le-PSL sokubuyekeza isinqumo sika-Adv. Nazeer Cassim SC, esikhishwe ngoLwesihlanu, ngoMashi 18.
“Lesi sinqmumo sikubeke kwacaca ukuthi ukuphazamiseka kweqembu emidlalweni emibili ngoDisemba kwadalwa i-vis major (okuyisigameko esimangalisayo, ebesingalindelekile, nesingenakuvinjelwa) ngenxa yegciwane i-Omicron (okuwuhlobo lwe-Covid-19).
"Yize noma lesi sinqumo besihambisana nokuthi amaqembu athintekile anxeshezelwe ngezindleko abhekana nazo ehlelela le midlalo emibili, kubonakala sengathi iligi ayigculisekile futhi ihlose ukusiphikisa eNkantolo Ephakeme."
IChiefs ikucacisile ukuthi ihlose ukuphikisana nalesi sinqumo sePSL.
"Lesi sinyathelo esingesihle silimangazile iqembu njengoba iligi yephula umthethosisekelo nemithetho yayo kanjalo nezimiso zeSafa ezingahambisani nokusetshenziswa kwezinkantolo ukuxazulula izinkinga zebhola.
“Iqembu lizophoqeleka ukuthi liphikisane nenselelo enjalo njengoba likholwa ukuthi umxazululi ukhiphe isinqumo esisemthethweni sokuthi bekuyoba ubudedengu ukube laya koyidlala le midlalo emibili, nokuthi iKaizer Chiefs ikhombise ubuqotho ngaphansi kwesimo esinzima.
"Udaba luzongena enkantolo maduzane, futhi iqembu ngeke lisakwazi ukuphawula. Sithemba ukuthi bonke abathandi bebhola bazolihlonipha iqembu baphinde baliseke kulolu daba."
IChiefs isanda kudlala ne-Arrows ekhaya yahlulwa ngo 1-0 eFNB Stadium.
Njengamanje ilele endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-35, isele ngamaphuzu angu-16 eqenjini eliqhwakele iMamelodi Sundowns, esidlale imidlalo emithathu ngaphezulu kweyeChiefs.