Ezemidlalo Ibhola

ISafa igculisekile ngesimo sayo sezezimali

Intatheli Yezemidlalo|Published

FILE -- In this Feb. 16 2010 file photo, chief organizer of the 2010 World Cup Soccer tournament in South Africa, Danny Jordaan, speaks with the Associated Press in Johannesburg. The Confederation of African Football (CAF) said Tuesday March 7, 2017, that Jordaan has been withdrawn from the election for a place on the FIFA Council by his national association. (AP Photo/Denis Farrell, FILE)

INHLANGANO eyengamele ibhola kuleli, iSouth Africa Football Association (Safa), izishaya isifuba ngokuthi amabhuku ayo ezezimali akanagcobho.

ISafa ikhiphe isitatimende iveza ukuthi konke kuyihambela kahle ngokwezimali.

Ithe lokhu kudalwa wubudlelwano enabo nezinkampani esayine nazo izinkontileka noxhaso eluthola kwiFifa kanti nesikhwama seLegacy Trust Fund sibasizile ukubhekana nezinye izindlela ukugcina izinhlelo zayo.

“Sisayine izinkontileka ezinde zoxhaso nophathina bethu. Iningi ubude bazo obeminyaka emine futhi singakwazi ukuzelula. Sibe nobudlelwano obuhle nobuyimpumelelo nezinkampani ezinkulu eNingizimu Afrika, njengeSouth Africa Breweries, Sasol neSouth African Broadcasting Corporation,” kusho ingxenye yesitatimende.

FILE -- In this Feb. 16 2010 file photo, chief organizer of the 2010 World Cup Soccer tournament in South Africa, Danny Jordaan, speaks with the Associated Press in Johannesburg. The Confederation of African Football (CAF) said Tuesday March 7, 2017, that Jordaan has been withdrawn from the election for a place on the FIFA Council by his national association. (AP Photo/Denis Farrell, FILE)

ISafa ibonge noxhaso eluthola enhlanganweni eyengamele ibhola emhlabeni iFifa.

“IFifa ixhasa bonke ososeshini abangaphansi kwayo ngohlelo olubizwa ngokuthi-Fifa Forward. Lolu xhaso luhamba ngokweminyaka emine, okusho ukuthi sinesiqiniseko salo kuze kuphele leli khalenda lale minyaka.”

ISafa ithe kuyisizile nokuba nempahla ethi yona. Kubalwe iSafa House okuyikomkhulu layo eNasrec, eveze ukuthi ibiza uR100 million. Kunesikhungo iSafa’s National Technical Centre naso esibiza imali efanayo. Idalule nokuthi imali eyitholayo iyaqinisekisa ukuthi iyafinyelela kwizifunda zayo ezingu-52, okuyizona eziqinisekisa ukuthuthukiswa kwebhola emazingeni aphans. Le mali ibiya ngokunyuka njengoba ngo-2021 bekhiphe uR25.6 million.

ISafa iveze ukuthi ngoFebhuwari kulo nyaka kuphelile nge-Legacy Trust okuyimali abebeyithola kusukela ngo-2013. Ithe le mali elinganiselwa ku-R430 million ibasize kakhulu ekubhekeleni ukuthuthukisa ibhola ezweni. Phakathi kwezinto abazibalile ukuthi bayisebenzise kuzona, ukuthuthukisa ibhola labesifazane nelabesilisa ezifundeni, isesikhungweni iHigh Performance Centre, ukusungula iligi kazwelonke yabesifazane nasemaqenjini amancane esizwe kanjalo nakwiKwaZulu-Natal Academy, eHoy Park.

Bathe abafihle lutho njengoba ofisa ukucubungula amabhuku eSafa angawathola kwi-website yale nhlangano.

I