UMDLALI onekhono kodwa ohlulwa ukuziphatha uPhakamani Mahlambi alicacile ikusasa lakhe ebholeni lakuleli isithombe: BACKPAGEPIX
ZAKHELE XABA
OWAYEYISIKHULU esiphezulu seBidvest Wits, uJose Ferreira, udalule okucekele phansi ikusasa lomgadli uPhakamani Mahlambi.
UMahlambi waseNgoje, eVryheid, usemabhukwini eChippa United. Kuvele ukuthi ngeke esadlala kule sizini ngenxa yokulimala emsipheni ohlanganisa umlenze nesithende ngasekupheleni konyaka odlule.
Ukhulele enkulisa yeWits, ayijoyina esemncane. Emuva kwesikhashana enyuselwe esikimini esikhulu, kwaqala kwavela izindaba zokuhlulwa kwakhe yimpilo yangaphandle kwenkundla ehlanganisa nophuzo oludakayo.
IWits ivumele phezulu ukumdayisa ngesikhathi efunwa yi-AL Ahly yase-Egypt ngo-2017. UMahlambi ubuye eMzansi wajoyina iMamelodi Sundowns ngo-2018. Umqeqeshi uPitso Mosimane wayethi ufuna ukumqoqa, ambuyisele endleleni ngoba unekhono, kodwa wagcina ehlulekile.
ISundowns imbolekise kuMaZulu ngesizini edlule kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ngo-2019 utholakale ekhempini yeBafana Bafana ebuhlabile.
"Ibuhlungu indaba kaPhakamani. Unekhono elikhulu kodwa uphumile esandleni. Ungomunye wabadlali abanekhono engibe nenhlanhla yokusebenza nabo. Ngicabanga ukuthi izinto zenzeke ngokushesha empilweni yakhe, wase eyaphuma endleleni.
“Wehlulekile ukumelana nodumo nokunakwa ngabezindaba. Ngebhadi akuyena owokugcina ozoba kulesi simo. Futhi kuyenzeka nakwabanye abadlali baseNingizimu Afrika. Kuyinkinga esibhekene nayo siyizwe. Abadlali bethu bayehluleka ukuziphatha uma kuqhathaniswa nabasuka kwamanye amazwe e-Afrika,"kusho uFerreira.
UFerreira akakaze aphinde abonakale ebholeni laseMzansi kusukela ashiya iWits ngaphambi kokuthi idayiswe. Ngesikhathi ephethe kwiWits kuqeqesha uGavin Hunt, iwine izindebe ezahlukene okukhona kuzona isicoco seligi neseMTN8. Lokhu ubekwenza ngokuhlanganisa iqembu ngabadlali abaphelelwe yizinkontileka emaqenjini abo.
"Ngiyabuya ebholeni ngesizini ezayo. Okwamanje angenzi lutho kodwa baningi abafuna ngizosebenza nabo. Kukhona amaqembu nezinhlangano ezingifunayo. Ngizokhetha kahle ngasekupheleni kwesizini. Ngiyalikhumbula kakhulu ibhola,"kusho uFerreira.