Ezemidlalo Ibhola

Ugcine ededeliwe oweWatford obenqatshelwa ukuya kwi-Afcon

Intatheli Yezemidlalo|Published

U-ISMAILA Sarr weSenegal usezojoyina ozakwabo eqenjini lesizwe ngemuva kokukhululwa iqembu lakhe iWatford ebinqaba naye Isithombe: BACKPAGEPIX

LUGCINE lugobile uphondo eqenjini lase-England, iWatford FC, ebeligoloza ukudedela umdlali walo, u-Ismaila Sarr, obizelwe esikwatini seSenegal ethwewe ngeqoma ukudla isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon).

Ngasekuqaleni kwesonto iSenegalese Football Federation (SFF), isikaze leli qembu elidonsa kanzima kwi-English Premiership ngokuliceba kwiFifa ngokugoloza kwalo nalo mdlali.

Kubukeka sengathi lugcine lugobile uphondo kuleli qembu eliqeqeshwa uCladio Ranieri kwazise lo soseshini umemezele izolo ekuseni ukuthi uSarr usendleleni esuka e-England ebheke eCameroon.

Lo mdlali waphambili oyinyama emaqenjini athathwa njengamakhulu khona e-England okubalwa kuwona neLiverpool, useqenjini elifanayo noSadio Mane (Liverpool) no-Eduard Mendy weChelsea.

ISenegal izovula lo mqhudelwano neZimbabwe ngoMsombuluko eBafoussam Omnisport Stadium, eKouekong.

USarr ulimale edollweni ngasekupheleni konyaka odlule kodwa leli qembu licele lo soseshini ukuba uthumele udokotela wawo ukuba uzomhlolela e-England.

Umthetho weFifa uthi ngisho ngabe umdlali ulimele kodwa uma ebizelwe eqenjini lesizwe, uphoqelekile ukuya ekhempini kufike kube odokotela balo (iqembu lesizwe), abanqumayo ukuthi uyahlala noma ubuyela eqenjini lakhe.

Kusenjalo kuvele ezithi iqembu lesizwe laseGabon belisagoloza ngoLwesithathu ntambama ukungena endizeni ebheke eCameroon.

AmaPanthers anqabile ukuphuma ezindlini zawo ehhotela eliseDubai lapho ekhempele khona lo mqhudelwano oqala ngeSonto.

Kuthiwa leli qembu eliholwa uPierre-Emerick Aubameyang we-Arsenal, belithenjiswe wusoseshini amabhonasi athile ngaphambi kokuthi umqhudelwano uqale kodwa zajika izinto uma sekufanele kukhokhelwane.