Ezemidlalo Ibhola

UPitso komunye umlando enqoba iSuper Cup ne-Al Ahly

Intatheli Yezemidlalo|Published

UZIFAKE komunye umlando uPitso Mosimane emabhukwini eqembu lakhe, i-Al Ahly, ngesikhathi benqoba isicoco seCaf Super Cup ngoLwesithathu ebusuku.

UZIFAKE komunye umlando uPitso Mosimane emabhukwini eqembu lakhe, i-Al Ahly, ngesikhathi benqoba isicoco seCaf Super Cup ngoLwesithathu ebusuku.

I-Al Ahly yase-Egypt yehlule iRaja Casablanca yaseMorocco ngo-6-5 kumaphenathi kulo mdlalo obubanjelwe eQatar

Ubukade uphele zibambene ngo-1-1.

Ngokuphakamisa le ndebe, uMosimane ube ngumqeqeshi wokuqala emlandweni we-Al Ahly ukunqoba iCaf Champions League neSuper Cup amasizini amabili elandelana selokhu kwagcina ukwenziwa nguManuel Jose ngo-2007. Lena yindebe yesishiyagalombili yeSuper Cup kwi-Al Ahly.

UMosimane, osenqobe izicoco eziyisithupha ne-Al Ahly kusukela afika kuyona eminyakeni emibili edlule, ucashunwe ethi iCasablanca iziyekele yona umdlalo. ICasablanca iyona ehambe phambili isikhathi eside ngaphambi kokuthi amaRed Devils athole igoli lokulinganisa esiwombeni sesibili.

“Ngizizwa kahle kakhulu. Ngizoqala ngokubonga abadlali ngokwenza lokhu ebesiziqeqeshela khona kumaphenathi. Ngibonga nethimba labaqeqeshi nabalandeli ebebelokhu befake ingcindezi umdlalo wonke kanjalo noBibo (esho umengameli qembu) nebhodi yakhe.

“Kuhlale kunzima futhi besizitshelile ukuthi kuzoba njena. Ngicabanga ukuthi ukube iRaja iqhubekile nokudlala, bebezoba nethuba lokuwina. Kunalokho bese bemosha umdlalo ngokulokhu bezigingqa phansi,” ucashunwe kanje uMosimane kwi-kingfut.com.