ASIPHUMELELANGA isicelo seKaizer Chiefs sokuhlehliswa kwemidlalo yayo yangoDisemba ngenxa yeCovid-19 Isithombe: BACKPAGEPIX
INHLANGANO eyengamele ibhola kuleli esigabeni esikhokhelayo igcine igonyulukile ngokuthi iyasichitha isicelo esasifakwe iKaizer Chiefs sokuthi kuhlehliswe imidlalo yayo yeDStv Premiership kaDisemba kulandela ukuhlasela kwe-Covid-19 eNaturena.
IChiefs yakhipha isitatimende ngalesi sicelo sayo ngoDisemba 2 iveza ukuthi bangu-30 abangenwe yi-Covid eqenjini nokuholele ekutheni kuvalwe isikhungo sayo sokuziqeqesha eNaturena.
Lokhu kwenzeka ngaphambi komdlalo wayo weligi neCape Town City okwakumele ube ngoDisemba 4, eFNB Stadium. IChiefs yagcina ingalubhadanga lapho. Kwabuye kwalandela okwakumele iwudlale neLamontville Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, nakhona yasho ukuthi ngeke ize iye ngoba sesinyukele kwabawu-36 isibalo sabanalolu bhubhane.
Kwenzeka konke lokhu iPremier Soccer League ibingakaze ithi vu ngesicelo seChiefs.
Namuhla ikhiphe isitatimende iveza ukuthi iChiefs yahluleka wukubeka izizathu ezinqala zokuthi kumiswe imidlalo yayo, ngakho isicelo sayo asizange siphumelele.
Kuthiwe isinqumo sokuchitha Amakhosi sithathwe yisigungu esiphezulu seNational Soccer League (NSL).
“Isigungu esiphezulu sanikeza iKaizer Chiefs ithuba elanele lokuletha imininingwane ezoseka isicelo sayo. Phakathi kweyayicelwe ukuthi ikuveze wukuthi yiziphi izimo eziphoqayo nezihlukile, yize kunemiyalelo okwisekhula ewunombolo-12 ka-2020 newunombolo-11 ka-2021, ezingenza ukuthi iKaizer Chiefs ihlehliselwe imidlalo yayo kaDisemba.
“Ngesikhathi isigungu esiphezulu siludingida lolu daba sithole nokwelulekwa kwezomthetho kanjalo nenhloko yezempilo kwiligi, sase silalela nalabo abathintekayo okuhlanganisa neKaizer Chiefs.
“Ngemuva kokubheka zonke izinhlangothi kulolu daba nolwazi olulethiwe, namuhla isigungu esiphezulu sinqume ukuthi iKaizer Chiefs ihlulekile wukubeka isizathu esingenza kungalandelwa isinqumo somnyango wezebhola. Simile isinqumo somnyango wezebhola futhi isicelo seKaizer Chiefs sokuhlehliswa kwemidlalo kaDisemba sichithiwe,” kusho ingxenye yesitatimende esithunyelwe.
Kuthiwe ngoJanuwari 5 kuzoba nesithangami nabezindaba ngalolu daba ngakho akukho okunye okuzoshiwo kuze kufike lolu suku.
Yize isitatimende singayisho imininingwane yamasekhula okukhulunywa ngawo kodwa okuvelile wukuthi kwaphuma umyalelo wokuthi ayikho imidlalo ezohlehliswa ngenxa ye-Covid-19. Amanye amaqembu aseke ehlelwa wumshophi wokungakwazi ukudlala ngenxa yalesi sifo azithole elahlekelwa amaphuzu.