Ezemidlalo Ibhola

OweRichards Bay ubonga ukwamukelwa

Smiso Msomi|Published

UKHETHA Shabalala isitobha seRichards Bay FC ufike wazinza kuleli qembu elidlala kwiGladAfrica Championship njengoba ebesuka kwi-ABC Motsepe League Isithombe: BACKPAGEPIX

ISITOBHA seRichards Bay FC, uKhetha Shabalala, sibonga ozakwabo nabaqeqeshi balel iqembu elidlala kwiGladAfrica Championship ngokwenza ibe lula isizini yakhe yokuqala kulesi sigaba.

UShabalala (26) ukhuluma kanje nje ezakhe zihleli endaweni yesibili kwi-log. Ngempelasonto edlule ziguqise iPlatinum City Rovers ngo 5-2 eKing Zwelithini Stadium eMlaza Lo mdlali uthe ezakhe zilindele noma ubani njengamanje futhi nomfutho uphezulu kakhulu ekhempini.

“IPlatinum City Rovers iqembu elisha kwiGladAfrica Championship kodwa lidlala kahle kakhulu futhi libalwa emaqenjini aphezulu. Nathi sinezifiso zethu futhi siyazikhumbula uma kuqala umdlalo, ngakhoke bekunzima ukuthi bangavakashela thina bese begoduka bengayitholanga induku,” kusho uShabalala.

Lo mdlali odabuka eTshelimnyama eMariannhill, akawuvali umlomo ngendlela ozakwabo nomqeqeshi, uPitso Dladla, abamsize ngayo efika ephuma kwiKwaDabeka Sporting edlala kwiSafa KZN ABC Motsepe League, osekwenze kwabalula ukuthi ajwayele ukuhluka kwezigaba.

“Yebo isizini yami yokuqala lena kwiGladAfrica kodwa ngiyijabulela kakhulu indlela engisheshe ngayo ukujwayela. Lokhu ngikubeka kozakwethu, abaqeqeshi nabaphathi ngendlela eyisimanga abangeseka ngayo.

“Kusuka kumphathi weqembu kuya kukapteni, wonke umuntu uyangigqugquzela nsukuzonke ukuba ngidlale ezingeni eliphezulu futhi ingethusile indlela abasheshe ngayo ukungiqonda mina njengomdlali,” kusho uShabalala.

Utshele Isolezwe ukuthi okubaluleke kakhulu kuyena ukudlala imidlalo eminingi ngoba unezifiso zokuthi iqembu lakhe likwazi ukuthi okungenani lingangenelwa amagoli emidlalweni ewu-15.

Uveze ukuthi ubukela kakhulu kwisihlabani seLiverpool yase-England uVirgil Van Dijk. Uqhube wathi ukuqala ukudlala kwakhe ibhola kuyahlekisa njengoba kungekho muntu kubo owake wadlala.

“Mina ngikhule lingadlalwa nhlobo ibhola ekhaya, yinto engayithola emgwaqweni ngihlezi ngidlala nabangani bami uma siqeda isizungu.

“Kwafika iskhathi lapho ngitholwa khona umqeqeshi uMpumelelo weqembu lasendaweni okuthiwa iDabe FC. Uyena owangihlomisa ngezinto ezibalulekile ebholeni nangempilo. Ngila engikhona ngenxa yakhe.”

Le ntaba yomdlali wasemumva idalule injabulo yayo ngendlela izinto ezenzeka ngayo eqenjini lesizwe iBafana Bafana ngenxa yendlela umqeqeshi walo, uHugo Broos ashintsha ngayo indlela elisebenza ngayo iqembu.

“Kuyangijabulisa kakhulu ukubona abafowethu engangidlala nabo bebizwa ukuyomela iqemba lesizwe. Nomqeqeshi ofikile wenze umehluko omkhulu okwenza wonke umdlali waseNingizimu Afrika asebenze kanzima futhi ngokukhulu ukuzimisela.

“Nami nje kunginike ugqozi lokuqhubeka ngisebenze kanzima ngoba manje sibona sengathi kungenzeka noma yini ngoba wonke umdlali uzibona enethuba lokubizwa uma ebhukula.”

Amaqembu eGladAfrica aseqhathiwe ukuhlungela iNedbank Cup Last 32. Imidlalo izokuba ngoDisemba 14.

IBay izodudulana nePolokwane City.

“IPolokwane City sike sadlala nayo kusanda kuqala isizini nathi singakahlangani kahle yasibhaxabula ngo4-0. Ngakho ke sonke eqenjini sinesifiso sokubuyisa izinduku. Okunye ukuthi iRichards Bay yenze kahle kakhulu nyakenye. Ngakho ke nathi sifuna ukuqhubeka lapho,” kusho uShabalala.

IRichards Bay izokwamukela i-University of Pretoria eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

Imidlalo yangempelasonto yeGladAfrica Championship:

midlalo yeGladAfrica:

Kusasa-Ngo-3.30pm: Rovers v All Stars (Profert Olen Park Stadium).

NgoMgqibelo-Ngo-3.30pm: Uthongathi v Tshakhuma (Princess Magogo Stadium); Bay v University of Pretoria (King Zwelithini Stadium); Free State v JDR (Globe Park); Venda v Callies (Thohoyandou Stadium); Cosmos v Leopards (Vosloorus Stadium) .

NgeSonto-Ngo-3.30pm: Polokwane v Lions (Old Peter Mokaba Stadium); Spurs v Sporting (Athlone Stadium).