Ezemidlalo Ibhola

IChiefs icela kuhlehliswe imidlalo abadlali behaqwa yiCovid-19

Intatheli Yezemidlalo|Published

IKAIZER Chiefs ikhuphukele endaweni yesibili kwilog ngemuva kokushaya iSwallows ngo 3 - 1 Isithombe: Kaizer Chiefs

INGASE iphazamiseke imidlalo yePSL kule mpelasonto emva kwesicelo seKaizer Chiefs, sokuthi kuhlehliswe imidlalo yayo emihlanu ezolandela. Lokhu kungenxa yesimo ebhekene naso sokuhaqeka kwabasebenzi abangu-30, okubalwa nabadlali ngeCovid-19.

IChiefs ikhiphe isitatimende namhlanje ekuseni yadalula inkinga ebhekene nayo. Leli qembu libike ukuthi seliyalele abasebenzi bayo nabadlali ukuthi bazivalele ezindlini ngabodwana, ngisho nalabo abangathelelekanga ngenxa yesibalo esiphezulu sabahaqekile.

“Iqembu selibhalele iPremier Soccer League licela ukuthi kuhlehliswe imidlalo emihlanu elandelayo kule nyanga. Imidlalo (ethintekayo) oweCape Town City (Disemba 4), Golden Arrows (Disemba 8), Sekhukhune FC (Disemba 12), Royal AM (Disemba 19) noweMaritzburg United (Disemba 22). Sicele ihlehliswe ukuze sigweme ukusabalala kwegciwane, sinikeze nabathintekayo isikhathi sokwelulama ngaphambi kokuthi bakwazi ukubuyela enkundleni,” kusho isitatimende seChiefs.

Ngaphandle kweChiefs, iMamelodi Sundowns nayo kuleli sonto iphumele obala ’ngomkhuhlane’ ohlasele iqembu ngaphandle kokucacisa ukuthi bangaki abadlali abahaqekile.