UTHEMBINKOSI Lorch okuthiwa useqalile ukuziqeqesha ne-Orlando Pirates kulandela ukululama ekulimaleni Isithombe: BACKPAGEPIX
KUNGENZEKA i-Orlando Pirates ibuye ekhefini lemidlalo yeFifa isihlome ngezihlabani zayo ebezilimele eseziqalile ukuziqeqesha neqembu njengoba ilungiselela ukuvakashela iLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership ngoMgqibelo ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Izilomo ezingoThembinkosi Lorch, Goodman Mosele noZakhele Lepasa zontathu abezilimele, zingase zibonakale eqenjini kulandela ukululama kwazo.
Lokhu kubikwe yiThe Citizen.
Ngaphandle kokulinyalelwa, kunabanye abadlali laba baqeqeshi ebebengakwazi ukubasebenzisa ngenxa yezinkinga ethinta ukuhluleka ukuziphatha ngaphandle kwenkundla.
Isithandwa sabalandeli uLorch salimala ehlombe okwavela ukuthi kwenzeka sisekhaya. ULepasa ubesehlale isikhathi esicela onyakeni engalithinti ibhola ngenxa yakho belu ukulimala.
UMaela uze waphuthwa imidlalo yakamuva yeBafana Bafana ngenxa yokulimala. NoMosele uke wabizwa kwiBafana kodwa wagcina engazange alubhade.
Emuva kwesikhathi, kuvele ukuthi lo mdlali uziba iBafana nje, ubesemakhaya eyogcina usiko kwaphambana izinkomishi izinto zingasenzeki ngendlela abehlele ngayo.
Omunye umdlali obengabonakali kwiPirates emidlalweni edlule, uGabadinho Mhango. Okwakhe kuhlukile ngoba udaba lwakhe namantombazane endaweni yobumnandi ebusuku lwagcwala amaphephandaba.