Ezemidlalo Ibhola

IChippa isivale ngomdlali isikhala sikaHunt omisiwe

Intatheli Yezemidlalo|Published

UGAVIN Hunt umisiwe ekuqeqesheni iChippa United ngenxa yemiphumela engemihle Isithombe: BACKPAGEPIX

SIVALWE ngomdlali isikhala esivuleke kwiChippa United emise inhloko yabaqeqeshi kuleli qembu, uGavin Hunt, kulandela imvula yemiphumela engagculisi kusukela kuqale isizini ka-2021/2022 yeDStv Premiership.

UKurt Lentjies ongumdlali wasesiwini kwiChippa, uyena ozobamba okwesikhashana ekuqeqesheni leli qembu ngokubambisana noSiyabulela Gwambi.

Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe iChippa ngoMsombuluko ekuseni lapho ibiqinisekisa khona ukumiswa kukaHunt emsebenzini ngenxa yemiphumela emibi etholwa yiqembu ngaphansi kobuholi bakhe.

Leli qembu likaSiviwe Mpengesi, onganqeni ukuxosha umqeqeshi, likunombolo 14 ngemuva kwemidlalo engu-10 yeligi.

Lokhu kulibeka engcupheni yokuwela emaqenjini angase agencwe yizembe ekupheleni kwesizini.

Akuzange kwethuse nokho ukuvela kwalesi sitatimende kwazise abaningi bebesazibuza ukuthi ugeza ngani uHunt ngoba imiphumela ikhomba ukuthi uMpengesi kufanele ngabe usemxoshile.

“Ngemuva kokuqala isizini ngendlela engagculisi kunazo zonke eminyakeni engu-10 edlule, okufakazelwa iwini eyodwa, iChippa imise umqeqeshi uGavin Hunt emsebenzini ngoba ifuna ukuzinika ithuba elanele lokuphenya ngembangela yalesi simo,” ibibhalwe kanje ingxenye yokuqala yesitatiemnde seChippa.

“Njengoba umqeqeshi ezobe engekho, indawo yakhe izovalwa uKurt Lentjies ozosizwa uSiyabulela Gwambi.

“Akadingi ukuchazwa uLentjies kwiChippa. Usenazo izimfanelo zokuqeqesha.

“Ulwazi analo ngakho konke okuthinta iChippa kusukela kubadlali kuze kufike kwisikompilo, lukhomba ukuthi iqembu lizobe lisezandleni ezifanele ngalesi sikhathi.

“Sinethemba lokuthi lesi sinqumo sizosiguqula isimo seqembu ukuze kuzobuya ithemba nokuziqhenya ngeqembu kubaxhasi kanjalo nakubantu besifundazwe sethu,” sisonge kanje lesi sitatimende.

Umdlalo wokuqala eqeqesha uLentjies (osedlale kweyeligi eyisithupha kule sizini), uzobhekana neBaroka FC ngoMgqibelo, ePeter Mokaba Stadium.