UDUMISANI Zuma ongumdlali weKaizer Chiefs umisiwe eqenjini Isithombe: BACKPAGEPIX
IKAIZER Chiefs isiqinisekise ukuthi umisiwe umdlali wasesiswini uDumisani Zuma njengoba kumele abhekane nekomiti leqembu lokuqondisa ubugwegwe.
Leli qembu liveze lokhu esitatimendeni esikhishwe izolo emini.
“IKaizer Chiefs iphoxekile ngokuthola ngezinsolo zokungaziphathi kahle kukaDumisani Zuma njengoba kubike imithombo yabezindaba ngakho isithathe isinqumo sokumumisa kuzona zonke izinhlelo zeqembu aze abhekane nekomiti langaphakathi lokuqondisa ubugwegwe.
“Ukumiswa kwakhe kwenzelwa bonke abathintekayo futhi akuchazi ukuthi usehlulelwe njengonecala. Iqembu lizoqinisekisa ukuthi udaba luyaxazululwa ngokushesha,” sisho kanje isitatimende seqembu.
UZuma akakadlali eqenjini kule sizini bekulokhu kuvela ukuthi uyalulama ekulimaleni.
Imibiko iveze ukuthi lo mdlali waboshwa amaphoyisa kwisivimbamgwaqo eshayela ebukhile.
I-Orlando Pirates isike yamisa umdlali ngezinsolo abebhekene nazo ngaphandle kwenkundla. Leli qembu limise uBen Motswari ngemuva kokuboshwa ngezinsolo zokushaya owesifazane. Nokho icala lakhe ligcine lichithiwe enkantolo kodwa iqembu alikaze limemezele ukuthi usebuyisiwe.
Elinye iqembu elidlala kwiDStv Premiership eselike lamisa abadlali kule sizini, iMarumo Gallants. NgoSepthemba imise uTholang Masegela, Aluwani Nedzamba noSimon Mamudzidi. Akushiwongo ukuthi benzeni ngaphandle kokuthi icala libucayi. Ngemuva kwalokho kuvele imibiko ethi izinkontileka zabo sezinqanyuliwe.