Akatholakalanga ukuphawula uFarouk Kadodia ongusihlalo weMaritzburg ekhala ngokuthi banomdlalo omqoka neSekhukhune United obungoLwesithathu
UMASIPALA uMsunduzi uzoqhubeka nokuyixhasa ngezigidi iMaritzburg United edlala kwiDStv Premiership, yize amabhuku awo emali ekhombisa izimpawu zokuba mapeketwane.
Lolu xhaso lweminyaka emithathu luzoba u-R27 million ngokwehlukana kwezigamu zo-R9 million ngesizini.
Kuyaqapheleka nokho ukuthi akuwona u-R15 million ngonyaka, lo obucelwe yileli qembu.
NgoLwesithathu, iphephandaba i-The Mecury libike ukuthi iMsunduzi Association of Residents, Ratepayers and Civics (MARRC) ibhalele lo Masipala incwadi izwakalisa ukungeneliseki kwayo ngalesi sinqumo.
Lo soseshini, kule ncwadi ukhala ngokuthi awuboni kuwumqondo ophusile ukuthi uMasipala waseMsunduzi ufake imali eqenjini lebhola ekubeni ubhekene nezinkinga eziningi ezidinga yona imali.
Phakathi kwezinkinga ezibalwa kule ncwadi kugqama ukuthi uMasipala unenqwaba yemibiko yokuvuza kwamanzi, iziteshi zikagesi ezingekho esimeni, imigodi emigwaqweni kanjalo nesimo sezinsiza azikho ezingeni elifanele kulo Masipala.
Lolu daba belusezithebeni ngoLwesithathu, lapho bekuhlangene khona wonke amakhansela akulo Masipala ngokwahlukana kwawo ngamaqembu ezombusazwe.
I-DA ihambisana nezinye izinhlangano ikhuze uMasipala ngalokhu igqamisa ukuthi akuzwakali kahle ukuthi uxhase iqembu lebhola ekubeni uhluleka ukunika izakhamuzi zawo amanzi okuphuza.
Ngakolunye uhlangothi i-ANC nezinhlangano eziyesekayo ithe, kungaba ihlazo ukuthi uMgungundlovu ulahlekelwe yileli qembu ngoba ilona kuphela eliletha ubumnandi bezemidlalo kubantu bakhona.
Umbiko ngalolu daba uvune ukuthi buvuselelwe ubudlelwano phakathi kwalo Masipala neMaritzburg ngeminye iminyaka emithathu kusukela ngale sizini esanda kuqala.
NgokukaSibongiseni Majola we-DA, uMasipala ubunawo amandla okuxhasa iMaritzburg eminyakeni edlule kodwa isimo sawo sesishintshile.
“Ngesikhathi sisakwazi ukubeka eceleni u-R1 billion besileseka iqembu kodwa manje sibhekene nesimo esinzima ngasemalini. Akusona isikhathi esifanele ukuthi sifake imali kulesi sicelo.”
USalim Goge we-Al Jama uthe, nakuba ethanda ukubona leli qembu lidlala esigabeni esikhulu kodwa uMsunduzi awukho esimeni esifanele ukuthi ulixhase ngemali.
Uthe ngeke uMasipala ukwazi ukubeka izizathu ezimqoka ngokuxhasa iqembu ngo-R27 million ekubeni abantu abahlala khona benenkinga yamanzi ngakho-ke kungakuhle kulindwe isimo semali sishintshe bese kuphinda kubuyekezwa lolu daba.
Yize kaba bekhala ngale ndlela, uMehmood Omar oyikhansela le-ANC uthe, kuwumsebenzi walo Masipala ukugcina ezemidlalo ziphila kuleli dolobha ngokuxhasa iMaritzburg.
Ngokwakhe akulona uxhaso nje lolu kepha yindlela yokusimamisa inqwaba yamabhizinisi amancane akule ndawo. Uthe, oMasipala abafana neGqeberha neNelspruit bakhokha imali ethusayo uma uqhathanisa nale ecelwa iTeam of Choice kodwa izivumelwano ziyafana.
NoJabu Ngubo we-ANC uhambe emazwini omlingani wakhe ezeseka ngokuthi, yize kungabanga iyona le mali ebidingeka kodwa ujabule ngokuthi iqembu lizohlala eMphithi.
NoNomalady Dlela we-AIC uncenge uMasipala ukuba uleseke iqembu kodwa lehluka ikhansela le-ACDP, uRienus Niemand.
“Okuhamba phambili ukuhlenga isimo semali sikaMasipala ngoba kuno-R5 billion okweletwa ngabantu abangazikhokheli izinsiza,” kusho uNiemand
Ukhalile ngokuzitshwa kwencwadi yabo uMasipala, u-Anthony Waldehausen weMARRC. Uthe basazohlala phansi babone ukuthi sikhona yini isidingo sokuthi bathathe izinyathelo zomthetho.
Akatholakalanga ukuphawula uFarouk Kadodia ongusihlalo weMaritzburg ekhala ngokuthi banomdlalo omqoka neSekhukhune United obungoLwesithathu. Ngemuva kokuphela kwesivumelwano esasikhona phambilini, uKadodia wakhala kakhulu ngalokhu, waze wathi indlela isimo semali esimbi ngakhona eqenjini, angase agcine ephoqeleka ukulidayisa.
ULionel Pienaar owungoti kwezoMasipala basekhaya uthe, uMsunduzi ubhekene nenkinga yokuqinisekisa injabulo yazo zonke izakhamuzi.
“Babhekene nengwadla ngoba kusezandleni zabo ukuvikela umnotho kaMasipala. Uma ubheka imali efakwa ukudlalela kweMaritzburg eHarry Gwala kuyawusimamisa umnotho,” usho kanje ejobelela ngokuthi uMsunduzi bekusezandleni zawo ukuthi uyalidedela iqembu noma uyaligcina.