UBENNI McCarthy umqeqeshi waMaZulu FC uwafuna egcwele amaphuzu uma sebedlala neKaizer Chiefs kusasa eFNB Stadium ngo-3 ntambama. Isithombe: Steve Haag/BackpagePix
UBENNI McCarthy oqeqesha AmaZulu FC, ubheke ukubuya namaphuzu amane eGoli, njengoba Usuthu lusesifundazweni iGauteng kulezi nsuku. Ngempelasonto ezikaMcCarthy zidlale ngokulingana ngo 0-0 neSwallows FC.
Kusasa Inyokan' Eluhlazana izobhekana neKaizer Chiefs enezinkinga, emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, ngo-3 ntambama.
UMcCarthy nezakhe, sebedlale imidlalo eyisithupha bengayazi induku nokuyinto lo mqeqeshi odabuka eKapa, afuna iqhubeke.
"Ukudlala neSwallows kusisizile kakhulu ngoba siphumile ekhoneni lethu esilijwayele, sadlala ibhola ebengiqala ngqa ukubona silidlala. Sibuye nephuzu kunzima, siyalamukela yize kade singenza okungcono kakhulu. Vele besidlala neqembu elijaha iMamelodi Sundowns esicongweni, bekungeke kube lula neze. Sekumele sikudlulise okwenzeke sidlala neSwallows ngoba ngoLwesithathu sidlala neKaizer Chiefs (esho ehleka kancane)," kusho uMcCarthy.
Ziningi izizathu ebezingenza uMcCarthy ahleke uma ephatha igama leChiefs. Esokuqala isizathu esokuthi Amakhosi aziphendule inhlekisa eshaywa iRichardsBay FC ngo 2-1 kwiLast 32 yeNedbank Cup emasontweni amabili edlule. Esesibili kungaba ukuthi iqembu elisashaye uMcCarthy selokhu athatha izintambo kuMaZulu iyona kanye iChiefs, eyamshaya ngo 1-0 ngenyanga edlule. Igoli kuloyo mdlalo lavalelwa phakathi uSamir Nurkovic.
"ISwalllows ayikaze nakanye imkhahlelele unozinti wethu. Lokhu kusho ukuthi emuva sihlelekile kakhulu, kodwa indaba okumele siyilungise (uma sebedlala neChiefs), ukuhlasela. Iningi labadlali bethu belingabonwa nangokhalo sidlala neSwallows, lokhu kumele kushintshe uma sesidlala neChiefs ngoba sifuna amaphuzu aphelele," kusho uMcCarthy.
Okuqaphelekile ngesikhathi Usuthu ludlala neSwallows ukuthi uBongi Ntuli akadlalanga yize kade esebhentshini. Kungenzeka uMcCarthy amdlalise uma sebebhekene neChiefs kwazise emdlalweni wokugcina owanqotshwa AmaZulu edlala neChiefs, uNtuli nguyena owashaya igoli lokunqoba. Ngaleso sikhathi u-Ayanda Dlamini owayepheka AmaZulu.