UKEAGAN Buchanan osekuqinisekisiwe ukuthi uyashiya kwiMaritzburg United. Isithombe: Steve Haag/BackpagePix
USIHLALO weMaritzburg United uFarook Kadodia, uphumela obala ngokuhamba kwesethenjwa seqembu lakhe, uKeagan Buchanan.
UKadodia uvumile engxoxweni neSolezwe izolo, ukuthi ushiywa yilo mdlali yize, engasidalulanga isizathu esiqondile esiholele ekutheni kugqabuke igoda phakathi kweqembu noBuchanan.
Amaziko ehlukene ezindaba abikile ngokuthi "kungase" kwenzeke uBuchanan ashiye kwiTeam Of Choice, ngezizathu ezingadalulwanga. Kodwa okunye okuvezwe uKadodia exoxa naleli phephandaba ukuthi vele inkontileka kaBuchanan neqembu ibiphela ngoJuni.
"Yebo uBuchanan uyasishiya kodwa hhayi namuhla (esho izolo). Sizamile ukumgcina impela kodwa kwaphika khona ukwenza. Besivele sazi ukuthi inkontileka yakhe iyaphela ngoJuni. Sizamile ukuziqala izingxoxo, kwanqaba ukwenza," kusho uKadodia ngomoya ophansi.
UBuchanan ufike kwiTeam Of Choice izinto zingamhambeli kahle neze kwazise wayengumdlali weKaizer Chiefs kodwa ehlushwa ukulimala okumenze wasizwa ngendaba isikimu. Ngaphambi kwalokho wayengumdlali weBloemfontein Celtic.
Bese ezakhele igama ngokubuyela kwakhe efomini kwiMaritzburg, ugqame ngokuphasa ibhola kahle, uyakwazi nokufaka umdlandla kozakwabo enkundleni. Lezi zenzo zikaBuchanan zimphendule isithandwa kuleli qembu, waze wagixabezwa ngebhande likakaputeni emidlalweni yakamuva.
"Kufanele singene emakethe sifune umdlali ozovala isikhala sakhe. Uma sekunje, isuke ingasekho into ezokwenziwa, kumele sivumele isimo," kusho uKadodia.
Aziyihambeli neze kahle izinto iTeam Of Choice njengoba ikunombolo-15 kwi-log yeDStv Premiership. Inamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-15.
Umdlalo olandelayo weMaritzburg izowugijima neBlack Leopards ekhaya eHarry Gwala Stadium, ngemuva kokuthi abebezowudlala neMamelodi Sundowns (ngaphambi koweLeopards), uhlehlisiwe.
Abadlali bakamuva abasanda kushiya iMaritzburg uRushine De Reuck ojoyine iSundowns noPogiso Sanoka okulindeleke ukuthi athulwe iTS Galaxy njengomdlali wayo omusha.